bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Hebrews 3
Hebrews 3
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 2
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 4 →
1
Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu,
2
owayethembeka kuyena owammisayo, njengoMose naye wayenjalo endlini yakhe yonke.
3
Ngokuba lowo kwathiwa ufanele inkazimulo enkulu kunoMose, njengalokhu oyakhileyo indlu unodumo olukhulu kunendlu.
4
Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.
5
UMose kambe wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa,
6
kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni.
7
Ngalokho njengokusho kukaMoya oNgcwele ukuthi: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,
8
ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni ngosuku lokulingwa ehlane,
9
lapho oyihlo bangilinga bengihlola, noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;
10
ngalokho nganengwa yileso sizukulwane, ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo, abazazanga izindlela zami,’
11
ngaze ngafunga ekuthukutheleni kwami, ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami.’ ”
12
Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo;
13
kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono,
14
ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.
15
Uma kuthiwa: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni,”
16
pho-ke, yibaphi abezwayo bacunula na? Akusibo bonke abaphuma eGibithe ngoMose na?
17
Yibaphi-ke anengwa yibo iminyaka engamashumi amane na? Kwakungesibo abonayo, abazidumbu zabo zawa ehlane na?
18
Yibaphi afunga kubo ngokuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, uma kungesibo abangalalelanga na?
19
Siyabona-ke ukuthi babengenakungena ngenxa yokungakholwa kwabo.
← Chapter 2
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 4 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13