bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Hebrews 13
Hebrews 13
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 12
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
1
Malume njalo uthando lobuzalwane.
2
Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.
3
Bakhumbuleni ababoshiweyo kungathi niboshiwe kanye nabo, nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisemzimbeni.
4
Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.
5
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”
6
ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?”
7
Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.
8
UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.
9
Ningadukiswa yizifundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo; ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla, abangasizakalanga ngakho abahamba ngakho.
10
Sine-altare thina, abangenalungelo lokudla kulo abakhonza etabernakele*.
11
Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yezono zishiswa ngaphandle kwekamu*.
12
Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango.
13
Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu*, sithwale ihlazo lakhe.
14
Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha siyawufuna ozayo.
15
Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.
16
Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.
17
Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.
18
Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke.
19
Ngiyaniyala kakhulu ukuba nenze lokho, ukuze ngibuyiselwe kini masinyane.
20
Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu,
21
makaniphelelise kukho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
22
Ngiyaniyala, bazalwane, lamukeleni kahle izwi lokuyala, ngokuba nginilobele ngokufushane.
23
Yazini ukuthi umfowethu uThimothewu ukhululiwe; uma efika masinyane, ngiyakunibona sinaye.
24
Khonzani kubo bonke abaniholayo nakubo bonke abangcwele. Abase-Italiya bayakhonza kini.
25
Umusa mawube nani nonke. Amen.
← Chapter 12
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13