bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Hebrews 8
Hebrews 8
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 7
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 9 →
1
Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu: sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini,
2
isikhonzi sokungcwele nesetabernakele* lempela elamiswa yiNkosi kungemuntu.
3
Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu umiselwa ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo; ngakho-ke kuyadingeka ukuba naye lo abe nakho okuthile kokunikela.
4
Ngokuba uma ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumpristi nakanye, ngokuba bakhona abapristi abanikela ngeminikelo ngomthetho,
5
bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele* ngokuthi: “Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni,”
6
kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.
7
Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala besingasoleki, bekungayikufunwa indawo yesibili.
8
Ngokuba lapho ebasolayo, uthi kubo: “Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli, nendlu kaJuda,
9
kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, ngokuba abahlalanga esivumelwaneni sami, nami angibanakanga, isho iNkosi.
10
Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi: ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.
11
Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo, nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi INkosi;’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo.
12
Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo, nezono zabo angisayikuzikhumbula.”
13
Ngokusho lokho ukuthi: “Esisha,” uthe esokuqala sigugile; kepha okugugayo osekukudala kuseduze nokunyamalala.
← Chapter 7
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 9 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13