bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
1 Corinthians 12
1 Corinthians 12
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 11
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 13 →
1
Bazalwane, maqondana neziphiwo zokoMoya, angithandi ukuba ningazi.
2
Niyazi ukuthi ngesikhathi nisengabezizwe naniholwa futhi nihuhwa yizithombe eziyizimungulu.
3
Ngakho-ke ngiyanazisa ukuthi: akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Makaqalekiswe uJesu,” futhi akekho ongathi: “UJesu uyiNkosi,” ebe engaholwa nguMoya oNgcwele.
4
Kukhona iziphiwo ezahlukeneyo, kodwa zivela kuMoya munye.
5
Kukhona imisebenzi eyehlukene yokukhonza, kodwa ivela kuyo leyo Nkosi.
6
Kukhona imisebenzi eminingi eyehlukahlukene, kodwa uNkulunkulu munye osebenza kukho konke, nakubo bonke.
7
Kepha yilowo nalowo uphiwa okokubonakalisa uMoya ukuba basizakale abanye.
8
Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya.
9
Omunye uphiwa ukukholwa nguye lowo Moya, omunye aphiwe iziphiwo zokuphulukisa nguye lowo Moya munye;
10
omunye uphiwa ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuphrofetha, omunye ukwehlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi.
11
Konke lokho kwenziwa nguye lowo Moya munye, owabela lowo nalowo ngokuthanda kwakhe.
12
Njengokuba umzimba umunye, kodwa unezitho eziningi, nakuba izitho zonke zomzimba ziziningi, kepha zingumzimba munye, unjalo-ke noKhristu.
13
Ngokuba thina sonke sabhabhadiswa ngaMoya munye, ukuba sibe mzimba munye, noma ngabe singabaJuda noma singamaGriki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; sonke saphuziswa Moya munye.
14
Ngokuba umzimba awusiso isitho esisodwa, kodwa eziningi.
15
Uma unyawo lungathi: “Ngenxa yokuba angisiso isandla, angisikho okomzimba,” nokho aluyeki ukuba yisitho somzimba.
16
Uma indlebe ithi: “Ngenxa yokuba angisilo iso, angiyiso isitho somzimba,” ayinakuyeka ngalokho ukuba yisitho somzimba.
17
Uma wonke umzimba ubuyiso, ukuzwa ngabe kukuphi na? Uma wawungukuzwa, ngabe ukunuka kukuphi na?
18
Kepha manje uNkulunkulu umisile izitho, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe.
19
Uma zonke zaziyisitho esisodwa, ngabe uphi umzimba na?
20
Nakuba izitho ziziningi, kodwa munye umzimba.
21
Iso alinakusho esandleni ukuthi: “Angikudingi;” nekhanda alinakusho ezinyaweni ukuthi: “Anginidingi.”
22
Kepha kunalokho, lezo zitho zomzimba okungathi zibuthakathaka kunezinye, ziyadingeka;
23
nalezo esicabanga ukuthi zedelelekile ukuba zibe ngezomzimba, yizona ezembathiswe ngodumo olukhulu; nalezo esinamahloni ngazo, yizona esizinakekela kakhulu.
24
Kanti lezo ezibukeka zizinhle, azikudingi lokho. Kepha uNkulunkulu uwuhlanganisile umzimba, kwathi lezo ezidelelekile wazinika udumo olukhulu kakhulu,
25
ukuze kungabi bikho ukwehlukana emzimbeni, kodwa izitho zonke zinakekelane ngokufanayo.
26
Uma kuhlupheka isitho esisodwa, zonke izitho zihlupheka kanye naso. Uma kuhlonishwa esisodwa, zonke zijabula kanye naso.
27
Manje-ke, nina ningumzimba kaKhristu, yilowo nalowo uyisitho nabanye.
28
UNkulunkulu ubekile abathile ebandleni: okokuqala abaphostoli, okwesibili abaphrofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yilabo abenza imisebenzi yamandla, abaneziphiwo zokuphulukisa, ezokusiza, ezokuphatha, nezilimi ngezilimi.
29
Ngabe bonke bangabaphostoli na? Bonke bangabaphrofethi na? Bonke bangabafundisi na? Bonke bangabenza imisebenzi yamandla na?
30
Bonke baneziphiwo zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na? Bonke bayahumusha na?
31
Ngakho-ke langazelelani iziphiwo ezibalulekileyo. Kanti-ke sengizakunikhombisa indlela okuyiyona enhle kakhulu.
← Chapter 11
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 13 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16