bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
1 Corinthians 2
1 Corinthians 2
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 1
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 3 →
1
Nami bazalwane, ekufikeni kwami lapho kini, angifikanga ngobugagu bokukhuluma noma bokuhlakanipha, kodwa ngimemezele kini imfihlakalo kaNkulunkulu.
2
Ngokuba nganquma ukuthi angiyukukwazi okunye kini, kuphela uJesu Khristu, lowo obethelwe esiphambanweni.
3
Mina ngafika kini ngibuthakathaka, ngesaba, ngithuthumela kakhulu,
4
futhi ukukhuluma nokushumayela kwami akubanga ngamazwi ahehayo obugagu, kodwa kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla,
5
ukuze ukukholwa kwenu kunganciki ekuhlakanipheni kwabantu, kodwa kume ngamandla kaNkulunkulu.
6
Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma kulabo asebekhulile, kodwa lokhu ngukuhlakanipha okungesikho okwalesi sikhathi noma okwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo.
7
Kepha sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okusemfihlakalweni efihliweyo, uNkulunkulu akumisela phambilini ukuba kube yinkazimulo yethu umhlaba ungakadalwa.
8
Akukho namunye kubabusi balesi sikhathi obekwazi, ngokuba ukuba bebekwazi, babengeke bayibethele iNkosi yenkazimulo.
9
Kepha kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga nendlebe engakuzwanga, okungaphumanga enhliziyweni yomuntu, uNkulunkulu wakulungisela labo abamthandayo.”
10
Ngokuba uNkulunkulu ukwambulile kithi ngoMoya; phela uMoya ukuhlolisisa konke, ngisho nokujulileyo kukaNkulunkulu.
11
Ngokuba ngubani kubantu okwaziyo okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Kanjalo-ke nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu okwaziyo.
12
Kepha thina asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa,
13
esikhuluma ngakho futhi, kungengamazwi afundiswa ngukuhlakanipha kwabantu, kodwa afundiswa nguMoya, sichaza okomoya ngokomoya.
14
Umuntu wemvelo akakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye, futhi angekuqonde lokho; kuqondisiswa ngokomoya.
15
Kepha umuntu onoMoya kaNkulunkulu uphenyisisa konke, kanti Yena akukho muntu ongamphenyisisa.
16
Ngokuba ngubani owawazi umqondo weNkosi, ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKhristu.
← Chapter 1
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 3 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16