bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
1 Corinthians 5
1 Corinthians 5
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 4
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 6 →
1
Impela kubikwa ukuthi kudlange ubufebe phakathi kwenu, futhi lobu obungekho ngisho nakwabezizwe: njengokuba kubikwa ukuthi omunye wenu ulala nomkayise.
2
Kodwa nina nilibele wukuzigabisa kunokuba nilile, ukuze asuswe kini lowo owenze leso sono.
3
Ngokuba mina, nakuba ngingekho phakathi kwenu ngokomzimba, kodwa ngikhona ngokomoya, futhi sengimahlulele lowo muntu okwenzileyo lokho, sengathi nami ngikhona lapho.
4
Ekuhlanganeni kwenu egameni leNkosi uJesu, nami nginani ngomoya nangamandla eNkosi yethu uJesu,
5
ukuba lowo muntu anikelwe kuSathane, kubhujiswe umzimba, ukuze kusindiswe umoya wakhe ngosuku lweNkosi uJesu.
6
Ukuzigabisa kwenu akukuhle neze. Kanti anazi yini ukuthi imvubelo encane iyikhukhumalisa yonke inhlama na?
7
Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengokuba ningenamvubelo. Ngokuba nelethu iPhasika elinguKhristu lihlatshiwe.
8
Ngakho-ke asiwugubhe umkhosi, hhayi ngemvubelo endala yokonakala nobubi, kodwa ngesinkwa esingenamvubelo sobumsulwa neqiniso.
9
Encwadini yami nganibhalela ukuthi ningahlangani nezifebe.
10
Angisho nje izifebe zakuleli lizwe, noma abahahayo, noma abaphangi, noma abakhonza izithombe; ngokuba uma kunjalo kungamele niphume ezweni.
11
Kepha manje-ke nginibhalela ukuba ningazibandakayi nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, kodwa ebe eyisifebe, noma ohahayo, noma okhonza izithombe, noma othuka inhlamba, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningalokothi nidle nomuntu onjalo.
12
Kambe nginandabani nokwehlulela abangaphandle na? Akusibo yini abangaphakathi okumele nibehlulele na?
13
Kepha uNkulunkulu uyakubahlulela abangaphandle. Mxosheni-ke lo omubi phakathi kwenu.
← Chapter 4
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 6 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16