bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
1 Corinthians 3
1 Corinthians 3
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 2
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 4 →
1
Nami-ke bazalwane, ngangingakhulumi nani njengabantu bakamoya, kodwa njengabantu bomhlaba nje, abaseyizinsana kuKhristu.
2
Nganiphuzisa ubisi; anginiphanga ukudla okuqinileyo, ngokuba naningakakulungeli. Yebo, namanje anikakulungeli,
3
ngokuba niphila ngokwenkambiso yabantu. Uma nje kusekhona kini umhawu nokuphikisana, anisibo yini abenyama? Anihambisi yini okwabantu na?
4
Ngokuba uma omunye phakathi kwenu ethi: “Mina ngingokaPawula,” omunye athi: “Mina ngingoka-Apholo,” anisibo yini abenyama na?
5
Pho ubeyini nje u-Apholo na? Ubeyini nje uPawula na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kuyilowo nalowo njengalokhu iNkosi imphile.
6
Mina ngafike ngatshala, u-Apholo wanisela, kodwa uNkulunkulu wakhulisa.
7
Noma kunjalo otshalayo noniselayo kabalutho, kodwa okunguYena kuphela uNkulunkulu okhulisayo.
8
Otshalayo noniselayo bayalingana, yilowo nalowo uyakwemukeliswa owakhe umvuzo ngangokomsebenzi wakhe.
9
Ngokuba thina siyizisebenzi nje zikaNkulunkulu ezibambisene naye, nina niyinsimu yakhe, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.
10
Ngokomusa kaNkulunkulu engiphiwe wona, njengengcweti yomakhi, ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha makube yilowo nalowo aqaphelisise ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.
11
Ngokuba akekho ongabeka esinye isisekelo, ngaphandle kwaleso esibekiweyo, esinguJesu Khristu.
12
Kepha uma umuntu akha phezu kwalesi sisekelo ngegolide, ngesiliva, ngamatshe enani eliphezulu, ngezingodo, ngotshani nangezinhlanga,
13
umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala, ngokuba usuku luyakuwudalula. Ngokuba lokho kuyakwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi womuntu ngamunye unjani. Umlilo luqobo uyakukuvivinya lokho.
14
Uma umsebenzi womuntu awakhileyo umi phezu kwaso, lowo muntu uyakwamukela umvuzo,
15
kodwa uma umsebenzi wakhe usha, uyakulahlekelwa yiwo, kepha yena luqobo uyakusindiswa; kuyakuba sengathi uphunyuke emlilweni.
16
Anazi yini ukuthi nina niyithempeli likaNkulunkulu, nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na?
17
Uma umuntu ebhidliza ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumbhubhisa, ngokuba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele; niyilo-ke nina.
18
Makungabi bikho ozikhohlisayo: uma kukhona umuntu phakathi kwenu othi uhlakaniphile kulesi sikhathi, makabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.
19
Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli lizwe kungubuwula kuNkulunkulu. Kulotshiwe ukuthi: “Abahlakaniphileyo ubabamba ebuqilini babo,”
20
nokuthi: “INkosi iyayazi imidlinzo yabahlakaniphileyo ukuthi iyize.”
21
Ngakho-ke makungabi bikho kini ozigabisayo kubantu, ngokuba konke kungokwenu,
22
noma uPawula, noma u-Apholo, noma uKhefase noma izwe, noma ukuphila, noma ukufa, noma okukhona, noma okusazokuba khona, konke kungokwenu.
23
Nina-ke ningabakaKhristu, uKhristu ungokaNkulunkulu.
← Chapter 2
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 4 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16