bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
1 Corinthians 13
1 Corinthians 13
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 12
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 14 →
1
Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kodwa uma ngingenalo uthando, ngifana nethusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.
2
Noma ngingaphrofetha, ngiqonde izimfihlakalo zonke, ngibe nokwazi konke, noma nginganokukholwa konke okungagudluza izintaba, kodwa uma ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.
3
Noma nginganikela ngakho konke enginakho, nginikele ngisho nangomzimba wami ukuze ngizigabise, kodwa uma ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.
4
Uthando luyabekezela, lumnene; uthando alunamhawu, aluzigabisi, aluzikhukhumezi;
5
aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu;
6
aluthokozi ngokungalungile, kodwa luthokozela iqiniso;
7
lusibekela zonke izinto, lukholwa yizinto zonke, lubekezelela izinto zonke.
8
Uthando alusoze lwaphela, nakuba kukhona ukuphrofetha, kodwa kuyakukhawuka. Nakuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nakuba kungulwazi, luyakuphela.
9
Ngokuba sazi ingxenye, siphrofetha ingxenye.
10
Kepha lapho sekufike okupheleleyo, lokho okuyingxenye kuyakuphela.
11
Lapho ngisenguntwana, ngakhulumisa okomntwana, ngacabangisa okomntwana, futhi ngazindlisa okomntwana. Kepha lapho sengiyindoda, ngakuyeka ukwenza okobuntwana.
12
Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi, kepha lapho sobukana ubuso nobuso, ngokuba manje ngazi ingxenye, kepha lapho ngiyokwaziwa ngokupheleleyo, njengokuba bengaziwa ngokupheleleyo.
13
Manje-ke, kumi lokhu okuthathu: ukukholwa, ithemba, nothando, kodwa okukhulu kulokhu wuthando.
← Chapter 12
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 14 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16