bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
1 Corinthians 2
1 Corinthians 2
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 1
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 3 →
1
Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezele kini ubufakazi bukaNkulunkulu.
2
Ngokuba nganquma ukuthi angiyikwazi okunye phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, lowo obethelwe esiphambanweni.
3
Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu;
4
nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla,
5
ukuze ukukholwa kwenu kungemi ngokuhlakanipha kwabantu, kume ngamandla kaNkulunkulu.
6
Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha kambe okungesikho okwalesi sikhathi nokwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo.
7
Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethu, kusukela kwaphakade,
8
okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo;
9
kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”
10
Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.
11
Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu.
12
Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa,
13
esikhuluma ngakho futhi, kungengamazwi afundiswa ngukuhlakanipha kwabantu kodwa afundiswa nguMoya, sichaza okomoya ngokomoya.
14
Umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; angekuqonde, ngokuba kubonisiswa ngokomoya.
15
Kepha ongowomoya ubonisisa konke, kodwa yena kabonisiswa muntu.
16
Ngokuba ngubani owake wazi umqondo weNkosi ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKristu.
← Chapter 1
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 3 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16