bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
1 Corinthians 9
1 Corinthians 9
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 8
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 10 →
1
Angikhululekile na? Angisiye umphostoli na? Angimbonanga uJesu iNkosi yethu na? Nina anisiwo umsebenzi wami eNkosini na?
2
Noma ngingesiye umphostoli kwabanye, nokho kinina nginguye, ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina.
3
Lokhu kungukuziphendulela kwami kwabangisolayo.
4
Asinalungelo yini lokudla nokuphuza na?
5
Asinalungelo yini lokuhamba nomzalwanekazi ongumkethu njengabanye abaphostoli, nabafowabo beNkosi, noKhefase, na?
6
Kanti yimi kuphela noBarnaba esingenalungelo lokuyeka ukusebenza na?
7
Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na? Ngubani otshala isivini, angazidli izithelo zaso, na? Ngubani owalusa umhlambi, angadli ubisi lomhlambi, na?
8
Lokho ngikusho ngokwabantu nje na? Nomthetho kambe kawusho khona lokho na?
9
Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi: “Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula amabele.” Konje uNkulunkulu ukhathalela izinkabi na?
10
Noma ukusho ngenxa yethu impela na? Yebo, kwalotshwa ngenxa yethu, ngokuba olimayo kufanele alime enethemba, nobhulayo abhule enethemba lokwabelwa naye.
11
Uma thina sihlwanyele kini okomoya, kuyinto enkulu yini, uma sizovuna okwenu kwenyama na?
12
Uma abanye behlanganyela lawo mandla phezu kwenu, kungebe yithi kakhulu na? Nokho asilisebenzisanga lelo gunya, kepha sibekezela ngakho konke, ukuze singalithiyi ivangeli likaKristu.
13
Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli nokuthi abakhonza e-altare bahlanganyela ne-altare na?
14
Ngokunjalo iNkosi imisile ukuba abamemezela ivangeli baphile ngevangeli.
15
Kepha mina angisebenzisanga lutho lwalezo zinto; futhi lokho angikulobanga ukuba kwenziwe kanjalo kimi; ngokuba kungaba ngcono kimi ukuba ngife kunokuba umuntu alwenz' ize udumo lwami.
16
Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginaludumo ngalokho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!
17
Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuzithandela kwami, nginomvuzo; kepha uma kungengakho ukuzithandela kwami, khona-ke kungumsebenzi engiwuphathisiweyo.
18
Pho, uyini umvuzo wami na? Uyilokhu ukuba nxa ngishumayela ivangeli, ngikwenze ukuba ivangeli lingabizi lutho, ukuze ngingasebenzisi ilungelo lami enginalo evangelini.
19
Ngokuba noma ngikhululekile kubo bonke, ngazenza isigqila sabo bonke, ukuze ngizuze abaningi.
20
KubaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda; kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho, noma ngingephansi komthetho mina, ukuze ngizuze abaphansi komthetho;
21
kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho, ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu kepha ngiphansi komthetho kaKristu, ukuze ngizuze abangenamthetho;
22
kwababuthakathaka ngaba buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka; sengaba yikho konke kubo bonke, ukuze ngakho konke ngisindise abanye.
23
Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe ngumhlanganyeli kulona.
24
Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole.
25
Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.
26
Ngakho-ke mina ngiyagijima kungengokungathi kangiqondi; ngiyagadla kungengokungathi ngishaya umoya.
27
Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.
← Chapter 8
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 10 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16