bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
1 Corinthians 6
1 Corinthians 6
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 5
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 7 →
1
Ukhona yini umuntu kini, uma enendaba nomunye, onesibindi sokumangala kwabangalungile, kungabi kwabangcwele, na?
2
Anazi yini ukuthi abangcwele bayakwahlulela izwe na? Kepha uma izwe lahlulelwa yinina, anifanele ukunquma namacala amancane na?
3
Anazi yini ukuthi siyakwahlulela izingelosi na? Kakhulu-ke okwalokhu kuphila.
4
Ngakho-ke uma ninamacala alokhu kuphila, niyababeka yini abangenasithunzi ebandleni babe ngabahluleli na?
5
Ngisho lokhu ukuba nibe namahloni. Kunjalo kanti: akukho namunye phakathi kwenu ohlakaniphileyo onganquma phakathi kwabazalwane bakhe na?
6
Kodwa umzalwane umangalela umzalwane, nalokhu akwenze phambi kwabangakholwayo na?
7
Nempela nakalokhu sekuyisici esikini ukuba nimangalelane. Yini ukuba ningavumi nakanye ukoniwa? Yini ukuba ningavumi nakanye ukuphangwa na?
8
Kepha nina uqobo niyona, niyaphanga; nikwenza lokhu nakubazalwane benu.
9
Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo,
10
namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
11
Babenjalo abanye kini, kepha senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.
12
Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusizi konke. Konke kuvunyelwe kimi, kepha mina anginakubuswa lutho.
13
Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla; kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili. Kepha umzimba asiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba;
14
kepha uNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe.
15
Anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKristu na? Pho, ngithathe izitho zikaKristu, ngizenze izitho zesifebe na? Qha nakanye.
16
Kepha anazi yini ukuthi ohlangana nesifebe ungumzimba munye naso na? Ngokuba uthi yena: “Labo ababili bayakuba nyamanye.”
17
Kepha ohlangene neNkosi ungumoya munye nayo.
18
Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.
19
Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?
20
Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.
← Chapter 5
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 7 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16