bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
1 Corinthians 4
1 Corinthians 4
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 5 →
1
Umuntu makasazi ukuthi siyizikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu.
2
Futhi-ke kufuneka kubaphathi ukuba umuntu afunyanwe ekholekile.
3
Kepha kimina kuyinto encane impela ukuba ngahlulelwe yinina noma ngokwahlulela kwabantu; yebo, nami angizahluleli.
4
Ngokuba angizinyezi ngalutho ngokwami, nokho angilungisisiwe ngalokho; kepha ongahlulelayo yiNkosi.
5
Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu.
6
Lokhu-ke, bazalwane, ngikuguqulele kimina naku-Apholo ngokulinganisa ngenxa yenu, ukuze nifunde kithi ukungeqisi kokulotshiweyo ukuba ningakhukhunyezwa, kungabi yilowo akhethe omunye kunomunye.
7
Ngokuba ngubani okhetha wena na? Unantoni ongayamukeliswanga na? Kepha uma uyamukelisiwe, uzibongelani kungathi awuyamukeliswanga na?
8
Senize nasutha, senize naceba, senabusa ngaphandle kwethu; yebo-ke sengathi ngabe niyabusa, ukuze nathi sibuse kanye nani.
9
Ngokuba ngithi kungathi uNkulunkulu usimisile thina baphostoli sibe ngabokugcina, sibe njengabanqunyelwe ukufa; ngokuba senziwe umbukwane wezwe nowezingelosi nowabantu.
10
Thina siyiziwula ngenxa kaKristu, kepha nina nihlakaniphile kuKristu; thina sibuthakathaka, kepha nina ninamandla; nina niyadunyiswa, kepha thina siyadunyazwa.
11
Kuze kube yisona lesi sikhathi silambile, somile, sihamba ze, siyamuhluzwa, siyimihambima,
12
siyakhandleka, sisebenza ngezandla zethu; sithi sithukwa, sibe sibusisa; sithi sizingelwa, sibe sibekezela;
13
sithi sihletshwa, sibe siphendula kahle; senziwe kungathi siyinsila yezwe, umphucuzo wezinto zonke kuze kube manje.
14
Angikulobi lokho ukuba nginithele amahloni, kodwa ukuba nginiluleke njengabantwana bami abathandekayo.
15
Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu, nokho oyihlo kababaningi, ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli.
16
Ngakho-ke ngiyanincenga ukuthi: Yibani abalingisi bami.
17
Ngalokho-ke ngithumele kini uThimothewu ongumntanami othandekayo nothembekayo eNkosini, oyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke.
18
Kepha abanye bakhukhumele ngokungathi angiyikuza kini;
19
kodwa ngizakuza kini masinyane, uma iNkosi ivuma, ukuze ngazi, angisho amazwi alaba abakhukhumeleyo kepha amandla abo.
20
Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awuyi ngezwi kepha ngamandla.
21
Pho, nifunani? Ngize kini ngiphethe induku, noma ngize nginothando nomoya omnene na?
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 5 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16