bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
1 Corinthians 5
1 Corinthians 5
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 4
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 6 →
1
Kuyezwakala ngempela ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu, futhi ubufebe bohlobo olungekho ngisho nakwabezizwe, okungukuthi omunye kini uya kumkayise.
2
Kepha nina nikhukhumele kunokuba nga nilila, ukuze akhishwe phakathi kwenu owenze leso senzo.
3
Ngokuba mina ngokwami, noma ngingekho ngomzimba, nokho ngikhona ngomoya, senginqumile ngokungathi ngikhona ngalowo muntu owenze okunjalo ukuba
4
egameni leNkosi uJesu nihlangane nina nomoya wami kanye namandla eNkosi yethu uJesu,
5
onjalo anikelwe kuSathane kukho ukubhubha kwenyama, ukuze umoya usindiswe ngosuku lweNkosi uJesu.
6
Akukuhle ukuzibonga kwenu. Anazi yini ukuthi imvubelo encane ibilisa inhlama yonke na?
7
Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba nelethu iphasika lihlatshiwe, elinguKristu.
8
Njalo-ke masigubhe umkhosi, kungabi ngemvubelo endala, kungabi ngemvubelo yokushinga neyobubi, kodwa kube ngesinkwa esingenamvubelo sobuqotho neseqiniso.
9
Nganilobela encwadini yami ukuba ningahlangani nezifebe;
10
angisho izifebe zalo mhlaba, nokuba abahahayo nabaphangi, nokuba abakhonza izithombe, ngokuba phela ngabe nimelwe ukuphuma ezweni;
11
kepha manje nganilobela ukuba ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo.
12
Ngokuba nginandabani nokwahlulela abangaphandle na? Nani anahluleli abangaphakathi na?
13
Kepha uNkulunkulu uyakwahlulela abangaphandle. Xoshani omubi phakathi kwenu.
← Chapter 4
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 6 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16