bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Deuteronomy 14
Deuteronomy 14
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 13
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 15 →
1
“Ningabantu bakaSimakade uNkulunkulu wenu; aniyukuzisika, aniyukuwaphuca amashiya enu ngenxa yofileyo.
2
Ngokuba ningabantu abangcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu. Unikhethile ukuba nibe yisizwe esiyifa lakhe phakathi kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.
3
“Ungayidli noma yini enengekayo.
4
Nazi izilwane eniyakuzidla: inkomo, imvu, imbuzi,
5
indluzele, insephe, inyala, impala, impalampala, iwula, negogo.
6
Niyakuzidla zonke izilwane ezinezinselo ezihlukene, ezinezinselo ezihlukene kabili, nezetshisayo phakathi kwezilwane.
7
Kepha lezi aniyukuzidla kulezo ezetshisayo nezehlukene izinselo: ikamela, unogwaja, nembila, ngokuba ziyetshisa, azehlukene izinselo; zingcolile kini,
8
nengulube, nakuba yehlukene izinselo, kodwa ayetshisi; ingcolile kini; aniyukuyidla inyama yazo, aniyukuzithinta izidumbu zazo.
9
“Kuzo zonke ezisemanzini, nazi eniyozidla: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe.
10
Kepha zonke ezingenawo amaphiko nezingcwecwe aniyukuzidla; zingcolile kini.
11
“Niyodla zonke izinyoni ezihlambulukileyo.
12
Kodwa yilezi eningayukuzidla: ukhozi, inqe, ingqungqulu,
13
isiphungumangathi, uheshe, unhloyile ngezinhlobo zakhe,
14
amagwababa wonke ngezinhlobo zawo,
15
intshe, inkovana, inkanku, uklebe ngezinhlobo zakhe,
16
isikhova, umxwagele, ifukezi,
17
ivuba, uphalane, umphishamanzi,
18
unogolantethe, unozalizingwenya ngezinhlobo zakhe, uziningweni, nelulwane.
19
“Zonke izilwanyana ezinamaphiko zingcolile kini: aniyukuzidla.
20
Kepha zonke ezinamaphiko ezihlambulukileyo niyozidla.
21
“Aniyukuyidla ingcuba; aniyukumnika umfokazi osemzini wenu ukuba ayidle, noma nithengise ngayo kowezizwe, ngokuba nina niyisizwe esingcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu. Aniyukupheka izinyane lembuzi ngobisi lukanina.”
22
“Uyonikela okweshumi kwezithelo zonke zembewu yakho, ezivela ensimini unyaka nonyaka.
23
Uyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho endaweni ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo, okweshumi kokusanhlamvu kwakho, okwewayini lakho, okwamafutha akho, okwamazibulo ezinkomo zakho, nokwezimvu zakho, ukuze ufunde ukumesaba njalo uSimakade uNkulunkulu wakho.
24
Uma indlela iyinde kakhulu kuwe ukuba ungakwazi ukukuthwala, nendawo lapho uSimakade uNkulunkulu wakho akhethe ukubeka kuyo igama lakhe ikude kakhulu kuwe, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekubusisa,
25
uyakukwenana ngemali, uyisonge imali esandleni sakho, uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha.
26
Uyothenga ngaleyo mali noma yini inhliziyo yakho eyithandayo: izinkabi, izimvu, iwayini, uphuzo olunamandla, noma yini efunwa yinhliziyo yakho, uyodla lapho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthokoze, wena nabendlu yakho;
27
nomLevi ophakathi kwamasango akho awuyukumlahla, ngokuba akanasabelo nafa nawe.
28
“Ngasekupheleni kweminyaka emithathu uyokhipha njalo konke okweshumi kwezithelo zakho ngalowo nyaka, nikugcine emizini yenu;
29
nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, umfokazi, intandane, nomfelokazi, abasemizini yenu. Bayoza, badle, basuthe ukuze uSimakade uNkulunkulu wenu anibusise emsebenzini wonke wesandla senu eniwenzayo.”
← Chapter 13
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 15 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34