bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Deuteronomy 29
Deuteronomy 29
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 28
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 30 →
1
Nanka amazwi esivumelwano uSimakade amyala ngawo uMose ukuba asenze nabantu bakwa-Israyeli kwaMowabi ngaphandle kwaleso asenza nabo eHorebhe.
2
UMose wababiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: “Nikubonile konke uSimakade akwenza eGibhithe nibuka, kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe, nasezweni lakhe lonke:
3
izinhlupheko ezinkulu azibonayo amehlo akho, izibonakaliso nalezo zimangaliso ezinkulu.
4
Kepha uSimakade akaninikanga inhliziyo yokuba nazi, namehlo okuba nibone, nezindlebe zokuba nizwe kuze kube yinamhlanje.
5
Nganihola iminyaka engama-40 ehlane; izingubo zenu aziguganga emizimbeni yenu, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu.
6
Anidlanga sinkwa, aniphuzanga wayini noma uphuzo olunamandla, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wenu.
7
“Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi, inkosi yaseBhashani, baphuma bazolwa nathi, kodwa sabanqoba.
8
Sadla izwe labo, salabela abakwaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase, laba yifa labo.
9
“Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuze niphumelele kukho konke enikwenzayo.
10
“Namuhla nimi nonke phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu: izinhloko zenu, izizwana zenu, amalunga enu, izinduna zenu, bonke abantu bakwa-Israyeli,
11
izingane zenu, omkenu, nomfokazi ophakathi kwezinkambu zakho, kusukela kogawula izinkuni kuya kulowo okha amanzi,
12
ukuba ungene esivumelwaneni sikaSimakade uNkulunkulu wakho, nasesifungweni sakhe asenza nawe namuhla uSimakade uNkulunkulu wakho,
13
ukuze azimisele wena namuhla ube yisizwe sakhe, naye abe nguNkulunkulu wakho, njengalokhu asho kuwe, nanjengalokhu afunga kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe.
14
Angenzi lesi sivumelwano nalesi sifungo nani kuphela,
15
ngisho nalowo omi nathi lapha namuhla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu, nalowo ongenathi namuhla
16
ngokuba nina niyazi ukuthi sahlala eGibhithe nokuthi sadlula phakathi kwezizwe enadabula kuzo,
17
nizibonile izinengiso zazo, nezithombe zazo, zemithi, amatshe, isiliva, negolide, okwakuphakathi kwazo
18
funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela uSimakade uNkulunkulu wethu namuhla ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, bese kuba khona phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nokubabayo,
19
kuze kuthi, lapho ezwa amazwi alesi sifungo, azibusise enhliziyweni yakhe ngokuthi: ‘Ngiyakuba nokuthula, noma ngihamba ngenkani yenhliziyo yami,’ ukuze kuqedwe okuswakemeyo nokomileyo,
20
uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu.
21
USimakade uyakumehlukanisela ububi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli njengazo zonke izivumelwano ezilotshwe kule ncwadi yomthetho.
22
“Isizukulwane senu, abantwana benu eniyobazala, nomfokazi oyakuphuma ezweni elikude bayakubona izinhlupheko zaleso sizwe, nobhubhane uSimakade alithele ngalo,
23
lonke izwe lakhona lishiswe ngesibabule nosawoti, akunakutshalwa kulo, akukhuli lutho kulo, akumili lutho oluluhlaza, linjengokubhujiswa kweSodoma neGomora neZebhoyimi okwabhujiswa nguSimakade ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe.
24
Yebo, zonke izizwe ziyothi: ‘USimakade wenzeleni kanje kuleli lizwe na? Kungani ukuvutha kwalolu laka kukukhulu kangaka na?’
25
“Kuyothiwa ngalokho: ‘Ngokuba basishiya isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo asenza nabo mhla ebakhipha eGibhithe,
26
bahamba bayokhonza abanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, onkulunkulu ababengabazi, futhi abangahlukaniselwanga bona,
27
ngalokho intukuthelo kaSimakade yalivuthela lelo lizwe ukuba alehlisele zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi.
28
USimakade wabadwengula ezweni lakubo ngolaka, ngokufutheka, nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa ngaphandle kwelinye izwe, njenganamuhla.’
29
“Izimfihlakalo zingezikaSimakade uNkulunkulu wethu, kodwa okwambuliweyo kungokwethu nozalo lwethu kuze kube phakade ukuba siwenze wonke amazwi alo mthetho.”
← Chapter 28
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 30 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34