bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Deuteronomy 17
Deuteronomy 17
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 16
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 18 →
1
“Ungamhlabeli uSimakade uNkulunkulu wakho inkomo noma imvu enesici, enokuthile okubi, ngokuba lokho kuyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.
2
Uma komunye wemizi yakho owawunikwa nguSimakade uNkulunkulu wakho, kutholakala owesilisa noma owesifazane owenza okubi emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokweqa isivumelwano sakhe,
3
ahambe, akhonze abanye onkulunkulu, akhuleke kubo, noma kungaba yilanga, yinyanga, noma yibandla lezulu, engingayalanga ngakho ukuba kukhonzwe,
4
bese ubikelwa ngakho, uzwe, ubuzisise ngakho, uthole ukuthi kuyiqiniso, leyo nto enjalo eyisinengiso yenziwe kwa-Israyeli,
5
lowo wesilisa noma wesifazane uyomkhiphela ngaphandle komuzi lokhu enzile into embi, umkhande ngamatshe, aze afe.
6
Ngobufakazi bofakazi ababili noma abathathu lowo ofanele ukufa, uyakubulawa. Kodwa ngobufakazi bomuntu oyedwa, akayukubulawa.
7
Yilabo ofakazi abayoqala ukumkhanda ngamatshe, bese kulandela abantu. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.”
8
“Uma kuba khona indaba okumele uyehlulele, kodwa ikwehlule ukuyehlulela, kungaba iphakathi kwegazi nokuphathelene nalo, phakathi kwecala nokuphathelene nalo, ukushaya nokulimaza, kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho, ubosuka uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha.
9
Uye kubaphristi bamaLevi, nakumehluleli oyakuba khona ngalezo zinsuku, ukuze bakwazise isinqumo sokwehlulela.
10
Ubokwenza njengalokhu benqumile, wenze lokho abayokutshela khona kuleyo ndawo uSimakade ayoyikhetha, uqaphele ukukwenza konke lokho abakufundisa khona.
11
Wenze njengezwi lomthetho abayakukufundisa lona, nanjengesehlulelo abayakukutshela sona. Ungachezukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ekwehluleleni kwabo.
12
Umuntu oziqhenyayo, ongafuni ukulalela umphristi omiyo okhonza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, noma umehluleli, lowo muntu umelwe ngukufa; wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.
13
Bonke abantu bayakuzwa, besabe, bangabe besalokotha benze ngaleyo ndlela.
14
“Lapho usufikile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, uhlale kulo, bese uthi: ‘Ngizozibekela inkosi ingibuse njengazo zonke izizwe ezingizungezile,’
15
uyombeka nokumbeka akubuse, uSimakade uNkulunkulu wakho ayakumkhetha; uyobeka omunye wabafowenu abe yinkosi, akubuse, ukuze ungabeki owezizwe, ongesiye umfowenu.
16
Kodwa akumele abe namahhashi amaningi, futhi angababuyiseli abantu eGibhithe, ukuze athole amahhashi amaningi. Ngokuba uSimakade ushilo kini, wathi: ‘Anisayukubuyela ngaleyo ndlela.’
17
Akayukuthola abafazi abaningi, funa inhliziyo yakhe ihlubuke, futhi angabi nesiliva negolide eliningi.
18
“Kuyothi lapho ehlala esihlalweni sakhe sobukhosi, azilobele ifuzela lalo mthetho, ethathisela emqulwini okubaphristi abangabaLevi.
19
Liyohlala kuye, alifunde zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ukuze afunde ukumesaba uSimakade uNkulunkulu wakhe. Awagcine wonke amazwi omthetho kaSimakade, enze lezi zimiso,
20
angaziboni engcono kunabafowabo, angaphambuki emiyalweni aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze zande izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe, phakathi kuka-Israyeli.”
← Chapter 16
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 18 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34