bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Deuteronomy 19
Deuteronomy 19
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 18
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 20 →
1
“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esezishabalalisile izizwe ezizwe lazo uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, wena uzixoshe, bese uhlala emizini yazo nasezindlini zazo.
2
Uyozehlukanisela imizi emithathu phakathi nezwe lakho uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle.
3
Uyolungisa indlela, wehlukanise kathathu izifunda zezwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa, ukuze bonke ababulali babalekele lapho.
4
“Kuyothi uma umbulali ebalekela khona, aphile: yilowo nalowo oyobulala umakhelwane wakhe engaqondile, futhi ebengamzondi phambilini,
5
nomuntu oyohamba nomngani wakhe baye ehlathini ukuyogawula imithi, kuthi esagawula, kuphume insimbi emphinini wembazo imshaye umakhelwane wakhe, afe, lowo muntu uyobalekela komunye wale mizi.
6
Kungenzeka umphindiseli wegazi amlandele umbulali esagcwele intukuthelo enhliziyweni yakhe, amfice, ngoba umuzi ukude, amshaye aze afe, noma ebengafanele ukufa, lokhu ebengazange amzonde phambilini.
7
Ngalokho ngiyakuyala ngithi: ‘Uyakuzehlukanisela imizi emithathu.’
8
“Uma uSimakade uNkulunkulu wakho eyandisa indawo yakho, njengalokhu ayefungile kokhokho bakho, akunike lonke izwe ethembisa ukulinika okhokho bakho,
9
uyoyigcina yonke le miyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba uyenze, ukumthanda uSimakade uNkulunkulu wakho, ukuhamba nsuku zonke ngezindlela zakhe, uyozithasiselela futhi ngeminye imizi emithathu ngaphezu kwalena emithathu ekhona,
10
ukuze igazi lomuntu ongenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho, ngaphandle kwalokho, uyothwala icala legazi.
11
“Kepha uma umuntu ezonda umakhelwane wakhe, amlalele unyendle, amvukele, amshaye ambulale, abalekele komunye wale mizi,
12
amalunga akulowo muzi ayothumela, alandwe lapho, amnikele esandleni somphindiseli wegazi ukuba abulawe.
13
Iso lakho aliyukumhawukela, kepha uyolisusa igazi elingenacala kwa-Israyeli ukuba kube kuhle kuwe.”
14
“Awuyukuwugudlula umngcele kamakhelwane wakho owamiswa ngokhokho, ukuba ube yindawo yefa lakho oyakulidla ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle.”
15
“Ubufakazi obuyokwethulwa ngumuntu oyedwa abunakumcindezela umuntu ngobubi, ngesono, noma nangasiphi isono one ngaso. Kodwa ngubufakazi bofakazi ababili noma abathathu obuyoyenza indaba ime iqine.
16
“Uma ufakazi wamanga emvukela umuntu, afakaze ngaye ngokubi,
17
bobabili labo bantu abaxabeneyo bayokuma phambi kukaSimakade, naphambi kwabaphristi nabehluleli abayobe bekhona ngaleso sikhathi.
18
Abehluleli bayophenyisisa; bheka, uma ufakazi engufakazi mbumbulu obefakaza amanga ngomuntu wezwe lakubo,
19
uyokwenza kuye lokho abehlose ukukwenza kumuntu wezwe lakubo; uyobususa kanjalo ububi phakathi kwenu.
20
Abaseleyo bayozwa, besabe, bangabe besabenza ububi obunjalo phakathi kwenu.
21
Iso lakho aliyukuhawukela; makube ngukuphila ngokuphila, iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo.”
← Chapter 18
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 20 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34