bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Deuteronomy 22
Deuteronomy 22
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 21
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 23 →
1
“Awuyukuyiyekela inkabi yomfowenu noma imvu yakhe iduka, ushaye sengathi awuziboni, kodwa uyozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu.
2
Uma umfowenu engekho eduze nawe futhi ungamazi, uyoziyisa endlini yakho zibe kuwe, aze umfowenu azifune kuwe, bese uzibuyisela kuye.
3
Uyokwenza kanjalo ngembongolo yakhe, ngezingubo zakhe, nangazo zonke izinto zomfowenu ezimlahlekele, wena wazithola, awunakukubalekela lokho.
4
“Awuyukubona imbongolo yomfowenu noma inkabi yakhe iwile endleleni, bese wena ungenzi lutho; uyomsiza impela ukukuvusa.
5
“Owesifazane akanakugqoka izinto zabesilisa, nowesilisa makangayigqoki ingubo yowesifazane, ngokuba yilowo nalowo owenza lokho uyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.”
6
“Uma uzithela esidlekeni senyoni endleleni, siphambi kwakho emithini noma siphansi, sinamaphuphu noma amaqanda, unina efukamele amaphuphu noma amaqanda, awuyukumthatha unina namaphuphu.
7
Kepha uyomyeka unina ukuba asuke, bese wena uthatha amaphuphu ukuze kube kuhle kuwe, zande izinsuku zakho.
8
“Lapho wakha indlu entsha, uyokwenza umpheme ophahleni lwayo ukuze ungazethwesi icala legazi uma umuntu ewa lapho.
9
“Awuyukutshala esivinini sakho izinhlobo ezimbili ezingafani zembewu, funa imbewu oyitshalile nesivuno sesivini sakho kube ngcwele.
10
“Awuyukulima ngenkabi iboshelwe nembongolo.
11
“Awuyukugqoka ingubo enezinhlobonhlobo zezintanjana, uboya bezimvu obuhlanganiswe nelineni.
12
“Uyozenzela izinsephe emachosheni amane esembatho sakho osembathayo.”
13
“Uma indoda ithatha intombi iyigane, ilale nayo, bese iyayizonda,
14
iyisole ngezinto eziyihlazo, ihlambalaze igama layo, ithi: ‘Ngamthatha lo wesifazane; kwathi ngisondela kuye, ngathola ukuthi akaseyiyo intombi,’
15
uyise nonina bentombi bayoyithatha intombi, balethe ubufakazi bokuthi ibiyintombi nto, phambi kwamalunga omuzi esangweni.
16
Uyise wentombi uyothi kumalunga: ‘Ngaganisela lo muntu indodakazi yami ukuba ibe ngumkakhe, manje useyayala;
17
useyisola ngezinto eziyihlazo, uthi: “Angiyitholanga indodakazi yenu iyintombi,” ngakho nabu ubufakazi bokuthi indodakazi yami ibiyintombi.’ Bayokwendlala ingubo phambi kwamalunga omuzi.
18
Amalunga omuzi ayoyithatha indoda, ayijezise,
19
ayihlawulise amashekeli esiliva ayikhulu, awanike uyise wentombi, ngokuba ukhulume kabi ngentombi yakwa-Israyeli. Iyakuba ngumkakhe; akayukuyilahla, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.
20
“Nokho uma lokho kuyiqiniso, bungatholakalanga ubufakazi bokuthi ibiseyintombi,
21
bayoyikhiphela ngasemnyango wendlu kayise intombi, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenze ihlazo kwa-Israyeli, yafeba, yahlaza indlu kayise. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.
22
“Uma kutholakala indoda ilele nowesifazane ogane enye indoda, bayobulawa bobabili, indoda ebilele nowesifazane uqobo ukuze kususwe ububi kwa-Israyeli.
23
“Uma kukhona intombazana eyintombi, nokho esiyingoduso yendoda, bese umuntu eyithola emzini, alale nayo,
24
bobabili niyobakhiphela ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga emzini yafuna usizo, nendoda, ngokuba imonile umfazi womakhelwane wayo. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.
25
“Uma indoda ithola endle intombi eyingoduso, bese iyibamba, ilale nayo, kuyokufa kuphela indoda elale nayo.
26
Ungayenzi lutho intombi, ngokuba ayinasono esifanele ukuba ife, lokhu leyo ndaba ifana nokuthi umuntu avukele umakhelwane wakhe, ambulale,
27
ngoba indoda iyifumane endle; noma intombi eyingoduso ikhalile, kodwa bekungekho muntu obengayihlenga.
28
“Uma indoda ithola intombi engesiyo ingoduso, iyibambe, ilale nayo, bese bebanjwa oqotsheni,
29
indoda ebilale nentombi iyonika uyise wentombi amashekeli esiliva angama-50, bese iba ngumkayo, ngokuba iyonile. Ayiyukuyilahla, zonke izinsuku zokuphila kwayo.
30
“Umuntu akakwazi ukuthatha umkayise, ambule ingubo kayise.”
← Chapter 21
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 23 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34