bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Deuteronomy 16
Deuteronomy 16
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 15
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 17 →
1
“Gcina inyanga ka-Abibi, wenze iphasika kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi, uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibhithe ebusuku.
2
Uyonikela ngephasika kuSimakade uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uSimakade ayoyiqokela ukuba kuhlale kuyo igama lakhe.
3
Awuyukudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma eGibhithe ngokushesha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo eGibhithe zonke izinsuku zokuphila kwakho.
4
Akuyukubonakala mvubelo kuwe endaweni yakho yonke, izinsuku eziyisikhombisa. Akuyukuba bikho nyama yomhlatshelo eyakusala ngosuku lokuqala kusihlwa, kuze kube ngakusasa.
5
“Iphasika awuyukulihlabela emizini yakho ewayinikwa nguSimakade uNkulunkulu,
6
kodwa niyokulihlabela endaweni uSimakade uNkulunkulu wenu ayoyiqokela ukuba igama lakhe lihlale kuyo. Niyolihlabela lapho iphasika ekushoneni kwelanga kusihlwa, ngesikhathi owaphuma ngaso eGibhithe.
7
Uyolipheka, ulidle endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha, bese uphenduka ekuseni ubuyela emathendeni akho.
8
Izinsuku eziyisithupha uyokudla isinkwa esingenamvubelo. Ngosuku lwesikhombisa, kuyoba ngumhlangano ozothileyo kuSimakade uNkulunkulu wakho; awuyukwenza msebenzi ngalo.
9
“Uyozibalela amasonto ayisikhombisa; kusukela esikhathini oqale ngaso ukuvuna okusanhlamvu, uqale ubale amasonto ayisikhombisa.
10
Uyogcina umkhosi wamasonto kuSimakade uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle, wesandla sakho, oyakuwunikela njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekubusisile.
11
Uyokwenama phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi ohlala emzini wakho, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala phakathi kwenu, uyokwenza lokhu endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale khona.
12
Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, uqaphele ukuba uzilondoloze, futhi uzenze lezi zimiso.
13
“Uyogcina uMkhosi Wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa, emveni kokubutha okwesibuya sakho nokwesikhamo sakho,
14
wename ngomkhosi wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi, umfokazi, intandane, nomfelokazi ophakathi kwamasango akho.
15
Uyogcina umkhosi kuSimakade uNkulunkulu wakho izinsuku eziyisikhombisa, endaweni uSimakade ayoyikhetha, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uyokuwubusisa wonke umkhiqizo wakho, nawo wonke umsebenzi wezandla zakho, uthokoze kakhulu.
16
“Bonke abesilisa okanye nabo bayakuvela kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, endaweni ayoyiqoka: ngoMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, ngoMkhosi Wamasonto, nangoMkhosi Wamadokodo; abayukuza phambi kukaSimakade bengaphethe lutho olungumnikelo ezandleni.
17
Yilowo nalowo uyokhipha ngokwamandla akhe, nanjengokwesibusiso uSimakade uNkulunkulu wakho amuphe sona.”
18
“Uyozikhethela abehluleli nezinduna emizini yakho yonke uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona ngokwezizwe zakho. Bayokwehlulela abantu ngokwehlulela okulungileyo.
19
Awuyukuhlanekezela isehlulelo, ungakhethi buso bamuntu, ungafunjathiswa sipho, ngokuba isipho siyawaphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.
20
Uyokwenza ubulungiswa kuphela ukuze uphile, ulidle izwe uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.”
21
“Ungazigxumekeli insika ka-Ashera yanoma luhlobo luni lwesihlahla eceleni kwe-althare likaSimakade uNkulunkulu wakho oyakuzakhela lona.
22
Ungazimiseli insika eyoba yisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.”
← Chapter 15
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 17 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34