bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Deuteronomy 15
Deuteronomy 15
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 14
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 16 →
1
“Ngasekupheleni kweminyaka eyisikhombisa niyokwenza uyekelelo.
2
Nansi indlela eniyolwenza ngayo: yilowo nalowo otsheleka umakhelwane noma umfowabo okuthile, uyokuyeka angabe esakubiza kuye, ngokuba kuyobe sekumenyezelwe uyekelelo lukaSimakade.
3
Ningakubiza kowezizwe, kodwa noma yini eyakho ekulowo wezwe lakini, uyakuyiyekelela.
4
Ngaleyo ndlela akuyukuba bikho ontulayo phakathi kwenu. USimakade uNkulunkulu wenu impela uyonibusisa ezweni aninika lona ukuba nilidle, libe yifa lenu,
5
uma nililalela ngempela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, niyigcina yonke le miyalo enginiyala ngayo namuhla.
6
USimakade uNkulunkulu wenu uyonibusisa njengokwethembisa kwakhe, niyotsheleka izizwe eziningi, kodwa nina ningatsheleki lutho kuzo. Niyobusa izizwe eziningi, kepha zona aziyukunibusa.
7
“Uma kukhona ompofu phakathi kwenu, engomunye wabafowenu, ehlala komunye wemizi esezweni lakini uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona, aniyukuyenza lukhuni inhliziyo yenu; aniyukumncisha lutho kweninakho umfowenu ontulayo.
8
Kepha niyomvulela isandla senu, umtsheleke ngokungathi uyamupha okwanele izidingo zakhe nokweswela kwakhe.
9
Qaphelani ukuba ningabi nomcabango omubi enhliziyweni yenu, nithi: ‘Unyaka wesikhombisa, unyaka woyekelelo ususondele,’ bese nimbheka kabi umfowenu ompofu, ningabe nisamnika lutho. Kuyothi lapho ekhala kuSimakade ngani, lokho kube yisono sakho.
10
Niyomnika ngokwevile, nangenhliziyo ekhululekile ngesikhathi nimnika, ngokuba ngenxa yalokho uSimakade uNkulunkulu wakho uyowubusisa wonke umsebenzi wenu, nakho konke enibeka isandla senu kukho.
11
Abampofu bayohlala bekhona ezweni; ngakho-ke ngiyaniyala, ngithi: ‘Niyomvulela nokumvulela umfowenu isandla senu ngokuphana, abampofu bakini nabasweleyo bakini ezweni lakini.’
12
“Uma umfowenu, umHebheru noma umHebherukazi, ezithengisa kini, ukuze anikhonze iminyaka eyisithupha, ngonyaka wesikhombisa niyakumyekela ukuba ahambe.
13
Uyakumyekela ukuba ahambe kodwa awuyukumhambisa elambatha.
14
Uyomupha kuvame izimvu, nanoma yini evela esibuyeni sakho, nasesikhamweni sakho sewayini; njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekubusisile, wenze kanjalo nakuye.
15
Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, uSimakade uNkulunkulu wakho wakuhlenga, ngakho-ke ngiyakuyala ngalokhu namuhla.
16
“Kuyothi uma ethi kuwe: ‘Angizukusuka kuwe,’ ngoba ekuthanda wena nendlu yakho, futhi ehlale kahle nawe,
17
uyothatha usungulo umbhoboze indlebe esesemnyango; abe yinceku yakho kuze kube phakade. Uyokwenza kanjalo nasencekukazini yakho.
18
“Ungakuthathi sengathi kungukucindezelwa nxa usumdedela ukuba ahambe, ngokuba ukukhonze iminyaka eyisithupha, umnika imali yomqashwa. USimakade uNkulunkulu wakho uyokubusisa kukho konke okwenzayo.”
19
“Wonke amazibulo amaduna ayozalwa ezinkomeni zakho nasezimvini zakho uyowangcwelisela uSimakade uNkulunkulu wakho; awuyukusebenza ngezibulo lezinkomo zakho, awuyukuligunda izibulo lezimvu zakho.
20
Wena nabendlu yakho, niyolidla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, iminyaka ngeminyaka, endaweni uSimakade ayakuyikhetha.
21
Uma linesici, liqhuga, noma liyimpumputhe, noma ngabe linasici sini, awuyukunikela ngalo kuSimakade uNkulunkulu wakho.
22
Uyolidlela emasangweni akho, ongcolileyo nohlambulukileyo ngokufanayo njengoba kwenzeka ensepheni nasendluzeleni.
23
Igazi lalo kuphela ongeyukulidla; uyolithela emhlabathini njengamanzi.”
← Chapter 14
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 16 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34