bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Deuteronomy 24
Deuteronomy 24
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 23
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 25 →
1
“Lapho umuntu ethatha umfazi, amgane, kodwa angabe esamthokozisa ngoba ethole kuye okuthile okwenyanyekayo, uyombhalela incwadi yesehlukaniso, amnike yona esandleni sakhe, bese emkhipha endlini yakhe.
2
Uma esephumile endlini yakhe, angahamba-ke abe ngowenye indoda.
3
Uma indoda yesibili ingasamthandi, iyombhalela incwadi yesehlukaniso, imnike yona esandleni, bese imkhipha endlini yayo, noma le ndoda yesibili ebimthathile waba ngumkayo ingafa,
4
indoda yakhe yokuqala eyamxosha ayikwazi ukubuyela kuye imthathe futhi abe ngumkayo, ngokuba usengcolisekile ngale ndlela, lokho kuyisinengiso phambi kukaSimakade. Awuyukwenza ukuba izwe uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho, libe necala.
5
“Uma umuntu esanda kuthatha umfazi, akayukuphuma aye empini, futhi akayukunikwa noma yimuphi umsebenzi; uyohlala ekhaya ekhululekile unyaka, athokozise umkakhe amthathileyo.”
6
“Akuyukuba bikho muntu oyakuthatha itshe lokugaya noma imbokodwe kube yisibambiso, ngokuba uyobe ethathe konke okuphilwa ngakho, kwaba yisibambiso.”
7
“Uma umuntu ebanjwa eduna omunye wabafowabo babantu bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lowo mduni uyokufa, ngaleyo ndlela uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.
8
“Qaphela mayelana nesifo sochoko, uqaphelisise impela, wenze konke njengalokhu abaphristi abangabaLevi bezokufundisa. Uqaphele ukuba wenze njengalokhu ngibayalile.
9
Khumbula lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwenza kuMiriyamu endleleni lapho niphuma eGibhithe.
10
“Uma utsheleka umakhelwane wakho utho, awuyukungena endlini yakhe ukuyothatha utho lube yisibambiso sakhe.
11
Uyokuma ngaphandle, bese umuntu omtshelekayo eletha kuwe isibambiso.
12
Uma engumuntu ompofu, ungalali nalokho okuyisibambiso sakhe,
13
kepha uyakukubuyisela impela kuye okuyisibambiso ekushoneni kwelanga, ukuze alale ngengubo yakhe, akubusise. Lokho kuyokuba ukulunga kuwe phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.
14
“Awuyukuyicindezela inceku eqashiweyo, empofu nentulayo, noma ngabe ingumfowenu noma ingumfokazi osezweni lakini emzini wakho.
15
Uyoyikhokhela imali yayo ngosuku lwayo, lingaze lishone ilanga ungakwenzile lokho, ngokuba impofu, futhi ikhathazekile ngayo, funa ikhale kuSimakade ngenxa yakho, lokho kube yisono kuwe.
16
“Oyise abayukubulawa ngenxa yamadodana, namadodana awayukubulawa ngenxa yawoyise; yilowo nalowo uyobulawa ngenxa yesono sakhe.
17
“Awuyukuhlanekezela ubulungiswa lapho ubhekene nomfokazi noma intandane, futhi ungayithathi ingubo yomfelokazi ibe yisibambiso,
18
kepha uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe nokuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wakuhlenga lapho; ngalokho ngiyakuyala ukuba wenze lokhu.
19
“Uma uvuna isivuno sakho ensimini, bese ukhohlwa yisithungu ensimini yakho, ungabuyeli ukuyosilanda, kodwa masibe ngesomfokazi, intandane, nomfelokazi ukuze uSimakade uNkulunkulu wakho akubusise kuyo yonke imisebenzi yezandla zakho.
20
Lapho ugxoba umnqumo wakho, ungabuyeli ugxobe amagatsha ngokwesibili, kepha lokho makube ngokomfokazi, intandane, nomfelokazi.
21
Uma uvuna okwesivini sakho, awuyukukhothoza futhi, kodwa lokho makube ngokomfokazi, intandane, nomfelokazi.
22
Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, ngalokho ngiyakuyala ukuba wenze lokhu.”
← Chapter 23
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 25 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34