bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Proverbs 1
Proverbs 1
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 2 →
1
Nazi izaga zika Solomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli,
2
zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa, nokwahlukanisa amazwi okuqonda,
3
nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha, nokulunga, nokwahlulela, neqiniso,
4
nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha, nezinsizwa ukwazi namasu,
5
ukuze ohlakaniphileyo ezwe, aqhubeke ekufundeni, noqondileyo athole iziluleko ezinhle
6
ukuba aqonde izaga nezimfihlakalo, namazwi abahlakaniphileyo nezimfumbe zabo.
7
Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.
8
Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko,
9
ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho, nemigexo entanyeni yakho.
10
Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi.
11
Uma zithi: “Hamba nathi, siqamekele igazi, sibhacele ngeze ongenacala,
12
sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo, besaphilile njengabehlela egodini;
13
yonke impahla eyigugu siyakuyifumana, sigcwalise izindlu zethu ngempango;
14
yenza inkatho yakho phakathi kwethu, sibe nesikhwama sinye sonke,”
15
ndodana yami, ungahambi nazo endleleni, unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo,
16
ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi.
17
Ngokuba inetha lenekelwe ize emehlweni azo zonke izinyoni.
18
Kepha laba baqamekela elabo igazi, babhacela okwabo ukuphila.
19
Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango; iyasusa ukuphila komniniyo.
20
Ukuhlakanipha kuyamemeza emigwaqweni, kuyezwakalisa izwi lakho ezigcawini;
21
emashashalazini emigwaqo kuyaduma; ngasezikhaleni zamasango omuzi kuyakhuluma amazwi akho okuthi:
22
“Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula, nezideleli zijabula ukudelela, neziwula zizonda ukwazi, na?
23
Buyani ngokusola kwami; bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu, nginazise amazwi ami.
24
Ngokuba ngibizile, nala nina; ngelula isandla sami, akubangakho onakayo;
25
kepha nichithile konke ukululeka kwami, anivumanga ukusola kwami;
26
nami ngiyakuhleka ingozi yenu, ngiklolodele ukufika kwenikwesabayo,
27
lapho kufika njengesivunguvungu lokho enikwesabayo, nengozi yenu iza njengesikhwishikhwishi, lapho nehlelwa ngukuhlupheka nosizi.
28
“Khona bayakungibiza, kepha angiyikuphendula; bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana
29
ngenxa yokuba babezonda ukwazi, kabakhethanga ukwesaba uJehova,
30
bengavumanga ukululeka kwami, bedelela konke ukusola kwami.
31
Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo, basuthe ngamacebo abo.
32
Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala, nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa.
33
Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.”
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 2 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31