bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Proverbs 8
Proverbs 8
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 7
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 9 →
1
Ukuhlakanipha akumemezi yini, nokuqonda akukhiphi izwi lakho na?
2
Kumi esiqongweni sezindawo eziphakemeyo, ngasendleleni phakathi kwemikhondo.
3
Ngaseceleni kwamasango, ngasekungeneni komuzi, lapho kungenwa ngeminyango, kuyamemeza ngokuthi:
4
“Ngiyanibiza nina madoda; izwi lami likumadodana abantu.
5
Qondani ukuhlakanipha nina eningenalwazi; nani ziwula, manibe nenhliziyo eqondileyo.
6
Zwanini, ngokuba ngiyakulanda okukhulu; ukukhamisa kwezindebe zami kuyakuba ngokulungileyo.
7
Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso; ububi buyisinengiso ezindebeni zami.
8
Onke amazwi omlomo wami asekulungeni; akukho okuyisigwegwe nokuphambeneyo kuwo.
9
Aqondile onke koqondayo; alungile kothola ukwazi.
10
Yamukelani ukufundisa kwami kunesiliva, nokwazi kunegolide elikhethekileyo.
11
Ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunamarubi,* nakho konke okungafiswa akunakulinganiswa nakho.
12
Mina kuhlakanipha ngakhile ekuqondeni, ngithola ukwazi namasu.
13
Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi; ukuzidla, nokuzikhukhumeza, nendlela embi, nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.
14
Kimina kukhona ukululeka nempumelelo; ngingukuqonda, nginamandla.
15
Amakhosi abusa ngami, nababusi bamisa ukulunga.
16
Izikhulu zibusa ngami, namakhosana, bonke abahluleli bomhlaba.
17
Ngiyathanda abangithandayo; abangifunayo bayakungifumana.
18
Ingcebo nodumo kukimi, ukunotha okumiyo nokulunga.
19
Isithelo sami sihle kunegolide, kunegolide elicwengekileyo, nenzuzo yami kunesiliva elikhethekileyo.
20
Ngiyahamba endleleni yokulunga, phakathi kwemikhondo yokwahlulela,
21
ukuze ngenze abangithandayo badle ifa lemfuyo, ngigcwalise izindlu zabo zengcebo.
22
“UJehova wangidala ngingukuqala kwendlela yakhe ngaphambi kwemisebenzi yamandulo.
23
Ngamiswa kwaphakade kwasekuqaleni, umhlaba ungakabikho.
24
Lungakabikho utwa ngazalwa, ingakabikho imithombo egcwele amanzi.
25
Zingakasekelwa izintaba, namagquma engakabikho, ngazalwa,
26
engakawenzi umhlaba namasimu, nokuqala kothuli lwezwe.
27
Ekulungiseni kwakhe izulu ngangikhona, nasekudwebeni kwakhe umkhathi ebusweni botwa.
28
Lapho enza ukuba isibhakabhaka phezulu siqine, nemithombo yotwa iphuphume ngamandla,
29
lapho emisela ulwandle umncele, ukuze amanzi angeqi izwi lakhe, nalapho emisa izisekelo zomhlaba,
30
khona nganginaye ngiyingcweti yomsebenzi, ngiyintokozo yakhe imihla ngemihla, ngijabula phambi kwakhe isikhathi sonke,
31
ngijabula ezweni lomhlaba wakhe, intokozo yami ikanye namadodana abantu.
32
“Ngalokho, bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami.
33
Yizwani ukulaya, nihlakaniphe, ningakwenqabi.
34
Ubusisiwe umuntu ongizwayo, elinda imihla ngemihla ngasemasangweni ami, ehlala ngasezinsikeni zeminyango yami.
35
Ngokuba ongifumanayo, ufumana ukuphila, azuze umusa kuJehova.
36
Ongangifumani uyona umphefumulo wakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”
← Chapter 7
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 9 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31