bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Proverbs 23
Proverbs 23
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 22
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 24 →
1
Lapho uhlezi ekudleni nombusi, qonda nokuqonda ophambi kwakho,
2
ubeke umese emphinjeni wakho, uma ungumuntu wephango.
3
Unganxaneli izilovela zakhe, lokhu zingukudla okukhohlisayo.
4
Ungakhandlekeli ukuceba; kuyeke ngokuqonda kwakho.
5
Amehlo akho ayandizela kulokho, kepha akusekho, ngokuba kuyazenzela impela amaphiko njengokhozi olundizela ezulwini.
6
Ungadli ukudla koneso elibi, ungafisi izilovela zakhe,
7
ngokuba unjengozicabangelayo; uthi kuwe: “Yidla uphuze,” kepha inhliziyo yakhe ayikho kuwe.
8
Umthamo owudlileyo uyakuwuhlanza, uchithe amazwi akho amnandi.
9
Ungakhulumi ezindlebeni zesiwula, ngokuba siyakudelela ukuhlakanipha kwamazwi akho.
10
Ungasusi isikhonkwane esidala, ungangeni emasimini ezintandane,
11
ngokuba umhlengi wazo unamandla; uyakumela indaba yazo kuwe.
12
Beka inhliziyo yakho ekulayweni, nezindlebe zakho emazwini okwazi.
13
Ungayeki ukumlaya umntwana, ngokuba uma umshaya ngoswazi akayikufa.
14
Uyakumshaya ngoswazi, wophule umphefumulo wakhe endaweni yabafileyo.
15
Ndodana yami, uma inhliziyo yakho ihlakanipha, inhliziyo yami iyakuthokoza, yebo, eyami.
16
Izinso zami ziyakujabula, lapho izindebe zakho zikhuluma okulungileyo.
17
Inhliziyo yakho mayingabi namhawu ngezoni, kepha mawube sekumesabeni uJehova usuku lonke.
18
Ngokuba impela umvuzo ukhona, nethemba lakho aliyikunqunywa.
19
Yizwa wena ndodana yami, uhlakaniphe, uhole inhliziyo yakho ngendlela.
20
Ungabi phakathi kwezinseli zewayini nabayiziminzi zenyama.
21
Ngokuba inseli noyisiminzi bayakuba mpofu; ukozela kuyakwembathisa umuntu amanikiniki.
22
Lalela uyihlo owakuzalayo, ungamdeleli unyoko lapho esemdala.
23
Thenga iqiniso, ungathengisi ngalo, nokuhlakanipha, nokulaywa, nokuqonda.
24
Uyise wolungileyo uyakwethaba nokwethaba, nozala ohlakaniphileyo uyathokoza ngaye.
25
Mabathokoze uyihlo nonyoko, ethabe owakubelethayo.
26
Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho enamele izindlela zami.
27
Ngokuba isifebe singumgodi ojulileyo, nowesifazane ondindayo ungumhholo onyinyeneyo.
28
Uqamekela njengomphangi; uyandisa abambuluzayo phakathi kwabantu.
29
Ngubani othi: “Maye!” Ngubani othi: “Wo!” Ngubani oxabanayo? Ngubani okhalayo, ngubani onezilonda ngeze, na? Ngubani onamehlo aklwelayo na?
30
Yibo abalibala ngasewayinini, abaya ukunambitha iwayini elixutshanisiweyo.
31
Ungalibuki iwayini ukuthi libomvu, nokuthi liyacwebezela endebeni, ukuba lehle kalula.
32
Ngasekugcineni liyaluma njengenyoka, lihlabe njengebululu.
33
Amehlo akho ayakubona imihlola, inhliziyo yakho ikhulume okuphambeneyo.
34
Uyakuba njengolele ekujuleni kolwandle nohlezi esihlokweni sensika yomkhumbi.
35
Uyakuthi: “Bangishayile, angilimalanga; bangigalele, angikwazanga. Lapho ngivuka, ngiyakubuye ngilifune.”
← Chapter 22
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 24 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31