bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Proverbs 20
Proverbs 20
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 19
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 21 →
1
Iwayini liyisideleli, uphuzo olunamandla lungumxokozeli; bonke abaduka ngalo abahlakaniphile.
2
Ingebhe ngenkosi injengokubhonga kwengonyama; oyithukuthelisayo wona umphefumulo wakhe.
3
Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana, kepha zonke iziwula ziyaphikisana.
4
Ngenxa yobusika ivila aliyikulima; ngalokho uyakuthekela ngesikhathi sokuvuna, kungekho lutho.
5
Isiluleko enhliziyweni yomuntu sinjengamanzi ajulileyo, kepha umuntu oqondileyo uyakusikhipha.
6
Abantu abaningi bayamemezela, kube yilowo nalowo umusa wakhe, kepha ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?
7
Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe, babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.
8
Inkosi ehlezi esihlalweni sokwahlulela ihlakaza konke okubi ngamehlo ayo.
9
Ngubani ongasho ukuthi: “Ngihlanzile inhliziyo yami, sengihlambulukile ezonweni zami, na?”
10
Izisindo ezimbili nama-efa* amabili, kokubili kuyisinengiso kuJehova.
11
Naye umntwana uyaziwa ngezenzo zakhe, uma isenzo sakhe sihlanzekile, noma siqotho.
12
Indlebe ezwayo neso elibonayo, uJehova wenzile kokubili.
13
Ungathandi ubuthongo, funa ufikelwe ngubumpofu; vula amehlo akho, uyakusutha ngesinkwa.
14
“Kubi, kubi,” kusho umthengi; kepha esehambile uyazigabisa.
15
Kukhona igolide namarubi* amaningi, kepha ukwazi kwezindebe kuyigugu elinqabileyo.
16
Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi, umbambe abe yisibambiso omela abezizwe.
17
Isinkwa samanga simnandi kumuntu, kepha ngasemuva umlomo wakhe uyakugcwaliswa ngohlalwane.
18
Amacebo onke ayaqiniswa ngokululekana; yilwa impi ngamasu.
19
Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo; ngalokho ungahlangani naye ovula kakhulu umlomo wakhe.
20
Oqalekisa uyise nonina, isibani sakhe siyakucimeka esigayegayeni.
21
Imfuyo ingatholwa ngokushesha ekuqaleni, kepha ukuphela kwayo akuyikubusiswa.
22
Ungasho ukuthi: “Ngiyakuphindisela okubi,” yethemba kuJehova, uyakukusindisa.
23
Izisindo ezimbili ziyisinengiso kuJehova, nesilinganiso senkohliso asilungile.
24
Izinyathelo zomuntu zingezikaJehova; pho, umuntu angaqonda kanjani indlela yakhe na?
25
Kulugibe ukusho ngamawala ukuthi: “Kungcwele,” abesebuya acabange emva kwezithembiso zakhe.
26
Inkosi ehlakaniphileyo iyahlakaza ababi, iphindisele phezu kwabo ukushinga kwabo.
27
Umoya womuntu uyisibani sikaJehova, siphenya konke okuphakathi komuntu.
28
Umusa neqiniso kuyalonda inkosi; isihlalo sayo sobukhosi sisekelwa ngomusa.
29
Udumo lwabasha lungamandla abo, nesivunulo sabadala singubumpunga.
30
Imivimbo elimazayo ihlanza ububi, nezishayo okuphakathi komuntu.
← Chapter 19
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 21 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31