bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Proverbs 4
Proverbs 4
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 5 →
1
Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise, nilalele, ukuze nazi ukuqonda.
2
Ngokuba ngiyaninika izifundiso ezinhle; ningawushiyi umthetho wami.
3
Ngokuba ngangiyindodana kubaba, ethambileyo neyodwa emehlweni kamame.
4
Wangifundisa, wathi kimi: “Inhliziyo yakho mayibambe amazwi ami; gcina imiyalo yami, uphile.
5
Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;
6
ungakushiyi, kuyakukugcina; kuthande, kuyakukulondoloza.
7
Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: Zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.
8
Kukhulise, kuyakukuphakamisa; kuyakukudumisa, lapho ukugona.
9
Kuyakunika ikhanda lakho umgexo womusa, kunikeze kuwe umqhele wodumo.”
10
Yizwa, ndodana yami, wamukele izwi lami; kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi.
11
Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha; ngikuhola emikhondweni yobuqotho.
12
Ekuhambeni kwakho isinyathelo asiyikuvinjelwa, nasekugijimeni kwakho awuyikukhubeka.
13
Bambelela ekulayweni, ungakuyeki; kulonde, ngokuba kungukuphila kwakho.
14
Ungangeni emkhondweni wababi, ungahambi endleleni yabonakeleyo.
15
Yixwaye, ungadluli ngayo; chezuka kuyo, udlule.
16
Ngokuba abalali, uma bengenzanga okubi; ubuthongo buyasuswa, uma bengakhubekisanga muntu.
17
Ngokuba badla isinkwa sobubi, baphuza iwayini lobudlwangudlwangu.
18
Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.
19
Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.
20
Ndodana yami, lalela amazwi ami, ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.
21
Makungachezuki emehlweni akho, ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho,
22
ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo nempilo yomzimba wonke wabo.
23
Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.
24
Susa kuwe ukuphambana komlomo, nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe.
25
Amehlo akho mawabheke phambili, nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho.
26
Yenza umkhondo wonyawo lwakho ukuba ulingane, ziqine zonke izindlela zakho.
27
Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo; chezukisa unyawo lwakho ebubini.
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 5 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31