bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Proverbs 12
Proverbs 12
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 11
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 13 →
1
Othanda ukulaywa uthanda ukwazi; ozonda ukusolwa uyisiwula.
2
Omuhle uthola umusa kuJehova, kepha umuntu wamacebo uyamlahla.
3
Umuntu akanakuma ngobubi, kepha impande yabalungileyo ayiyikunyakaziswa.
4
Owesifazane okhutheleyo ungumqhele kuyo indoda yakhe, kepha ohlazisayo unjengokubola kwamathambo ayo.
5
Imicabango yabalungileyo ingeyokwahlulela, kepha iziluleko zababi ziyinkohliso.
6
Amazwi ababi aqamekela igazi, kepha umlomo wabaqotho uyabophula.
7
Ababi bayachithwa, bangabikho, kepha indlu yabalungileyo iyakuma.
8
Umuntu uyadunyiswa ngokokuhlakanipha kwakhe, kepha ophambene ngenhliziyo uyadelelwa.
9
Odelelwayo eyinceku udlula ozidumisayo eswele ukudla.
10
Olungileyo uyakunaka ukuphila kwesilwane sakhe, kepha isihhe sababi silunya.
11
Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla, kepha olandela amayiyane akanangqondo.
12
Ishinga lifisa impango yababi, kepha impande yabalungileyo iyathela.
13
Ngokuphambeka kwezindebe kukhona ugibe lomubi, kepha olungileyo uyaphuma ekuhluphekeni.
14
Umuntu uyasutha ngokuhle ngesithelo somlomo wakhe, nemisebenzi yezandla zomuntu iyabuyela kuye.
15
Indlela yesiwula ilungile emehlweni aso, kepha ohlakaniphileyo ulalela iziluleko.
16
Ukukhathazeka kwesiwula kuyaziwa ngosuku, kepha oqondileyo uyasibekela ihlazo.
17
Ophefumula iqiniso ulanda ngokulunga, kepha ufakazi wamanga ngenkohliso.
18
Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba, kepha izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso.
19
Indebe yeqiniso iyakuma kuze kube phakade, kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.
20
Inkohliso isezinhliziyweni zabaceba okubi, kepha abaluleka ukuthula, kubona kukhona intokozo.
21
Olungileyo akayikwehlelwa nangokukodwa okubi, kepha ababi bayakugcwala ububi.
22
Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova, kepha abenza iqiniso bayintokozo yakhe.
23
Umuntu oqondileyo uyafihla ukwazi, kepha izinhliziyo zeziwula zimemeza ubuwula.
24
Isandla sabakhutheleyo siyakubusa, kepha izidenge ziyakuphoqelwa umsebenzi.
25
Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa, kepha izwi elihle liyayithokozisa.
26
Olungileyo ungumholi womakhelwane wakhe, kepha indlela yababi iyabadukisa.
27
Isidenge asiyosi inyamazane yaso, kepha imfuyo enqabileyo ingeyokhutheleyo.
28
Endleleni yokulunga kukhona ukuphila, nalapho umkhondo wakho udlula khona, akukho ukufa.
← Chapter 11
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 13 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31