bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Proverbs 11
Proverbs 11
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 10
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 12 →
1
Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuJehova, kepha isisindo esiyiso siyintokozo yakhe.
2
Lapho kufika ukuziqhenya, kufika nehlazo; kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.
3
Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola, kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.
4
Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kepha ukulunga kophula ekufeni.
5
Ukulunga kopheleleyo kuqondisa indlela yakhe, kepha omubi uyakuwa ngobubi bakhe.
6
Ukulunga kwabaqotho kuyabophula, kepha abambuluzayo babanjwa ezifisweni zabo.
7
Akwethembayo umuntu omubi kuyaphela ekufeni kwakhe, nethemba lobubi liyabhubha.
8
Olungileyo uyakhululwa osizini, kepha omubi ungena esikhundleni sakhe.
9
Ngomlomo umuntu ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi.
10
Nxa abalungileyo behlezi kahle, umuzi uyathokoza; lapho bebhubha, kukhona ukwenanela.
11
Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa, kepha ngomlomo wababi uyachithwa.
12
Odelela umakhelwane wakhe akanakuhlakanipha, kepha umuntu onengqondo uyazithulela.
13
Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo, kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.
14
Lapho kungekho iziluleko, abantu bayawa, kepha lapho kukhona abeluleki abaningi, lapho kukhona ukuphumelela.
15
Uyahlupheka nokuhlupheka omela umfokazi, kepha ozonda ukunika isibambiso ulondekile.
16
Owesifazane onomusa uzuza udumo, nezidlwangudlwangu zizuza ingcebo.
17
Umuntu onesihawu wenzela okuhle umphefumulo wakhe, kepha ononya uhlupha inyama yakhe.
18
Omubi uthola inzuzo yenkohliso, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo.
19
Oqinile ekulungeni uyakuphila, kepha olandela okubi, kuyakuba ngukufa kwakhe.
20
Abanhliziyo ephambeneyo bayisinengiso kuJehova, kepha abapheleleyo endleleni yabo bayintokozo kuye.
21
Impela omubi akayekwa, kepha inzalo yabalungileyo iyakhululwa.
22
Njengendandatho yegolide empumulweni yengulube, unjalo owesifazane omuhle ongenangqondo.
23
Isifiso sabalungileyo singokuhle kuphela; ithemba lababi lilulaka.
24
Ukhona ohlakazayo; nokho uyenezelwa kakhulu; kepha ogodla kunokufaneleyo ubangelwa ukuswela kuphela.
25
Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa; ophuzisayo uyakuphuziswa naye.
26
Ogodla amabele, abantu bayamqalekisa, kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngawo.
27
Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo, kepha ofuna okubi, kuyakumehlela.
28
Owethemba ingcebo yakhe uyakuwa, kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.
29
Okhathaza indlu yakhe uyakudla ifa lomoya, nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo.
30
Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila, nohlakaniphileyo uyazuza imiphefumulo.
31
Bheka, olungileyo uyavuzwa emhlabeni; kakhulu kangakanani omubi nesoni.
← Chapter 10
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 12 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31