bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Proverbs 3
Proverbs 3
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 2
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 4 →
1
Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,
2
ngokuba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula.
3
Isihhe neqiniso makungakushiyi; kubophe entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
4
ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.
5
Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.
6
Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.
7
Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uJehova, udede ebubini.
8
Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho nokuhlunyelelwa kwamathambo akho.
9
Dumisa uJehova ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,
10
izinqolobane zakho zigcwale ngobuningi, nezikhamo zakho zichichime ngewayini elisha.
11
Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kukaJehova, ungakhathazeki ngokusola kwakhe.
12
Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo, njengoyise indodana ayithandayo.
13
Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha nomuntu ozuza ingqondo,
14
ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva, nokutholakalayo kukho kunegolide.
15
Kuyigugu kunamarubi,* nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho.
16
Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene, nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo.
17
Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi; yonke imikhondo yakho ingukuthula.
18
Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo, nababambelela kukho babusisiwe.
19
UJehova wasekela umhlaba ngokuhlakanipha; wamisa amazulu ngokuqonda.
20
Ngokwazi kwakhe izintwa zaqhekezwa, namafu aconsa amazolo.
21
Ndodana yami, lokho makungasuki emehlweni akho, ugcine ukuhlakanipha namasu,
22
kube ngukuphila emphefumulweni wakho nomusa entanyeni yakho.
23
Khona uyakuhamba indlela yakho ngokulondeka, ungaqhuzuli unyawo lwakho.
24
Lapho ulala phansi, awuyikwesaba lutho; nanxa usulale phansi, ubuthongo bakho buyakuba mnandi.
25
Ungethuswa luvalo oluzumayo nokuchithwa kwababi, lapho kufika,
26
ngokuba uJehova uyakuba yithemba lakho, agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.
27
Ungagodleli abaninikho okuhle, lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.
28
Ungasho kumakhelwane wakho ukuthi: “Hamba, ubuye, ngiyakukunika kusasa,” lapho kukhona kuwe.
29
Ungacebi okubi ngomakhelwane wakho, lapho ehlezi nawe elondekile.
30
Ungaphikisani namuntu ngeze, uma engakonanga ngalutho.
31
Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu, ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,
32
ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova. kepha abaqotho bayisifuba sakhe.
33
Isiqalekiso sikaJehova sisendlini yababi, kepha uyabusisa ikhaya labalungileyo.
34
Izideleli uyazidelela, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
35
Abahlakaniphileyo bayakudla ifa lodumo, kepha iziwula ziyakuphiwa ihlazo.
← Chapter 2
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 4 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31