bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
1 Chronicles 18
1 Chronicles 18
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 17
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 19 →
1
Kwathi emva kwalokho uDavide wawashaya amaFilisti, wawahlula, walithatha iGati nemizana yalo esandleni samaFilisti.
2
Wanqoba noMowabi; abakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, bathela intela.
3
UDavide washaya noHadarezeri, inkosi yaseSoba ngaseHamati, ekuhambeni kwakhe ukuqinisa isandla sakhe ngasemfuleni u-Ewufrathe.
4
UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.
5
Ama-Aramu aseDamaseku esefika ukumsiza uHadarezeri inkosi yaseSoba, uDavide wabulala kuma-Aramu abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.
6
UDavide wamisa amakhanda e-Aramu laseDamaseku; ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.
7
UDavide wathatha izihlangu zegolide ezazisezincekwini zikaHadarezeri, waziletha eJerusalema.
8
EThibahati naseKhuni imizi kaHadarezeri, uDavide wathatha ithusi eliningi kakhulu uSolomoni enza ngalo ulwandle lwethusi, nezinsika nezitsha zethusi.
9
Lapho uThowu inkosi yaseHamati ezwa ukuthi uDavide ushayile yonke impi kaHadarezeri inkosi yaseSoba,
10
wathuma uHadoramu, indodana yakhe, enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadarezeri, yamnqoba, ngokuba uHadarezeri wayelokhu elwa noThowu; wathuma izinhlobo zonke zezitsha zegolide nezesiliva nezethusi.
11
Nalezo inkosi uDavide yayizingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide alisusa ezizweni zonke: ku-Edomi, nakuMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, nakuma-Amaleki.
12
U-Abishayi, indodana kaSeruya, wabulala kwabakwa-Edomi esiGodini sikaSawoti, izinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili.
13
Wamisa amakhanda kwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.
14
UDavide wabusa phezu kuka-Israyeli wonke, waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe.
15
UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi; uJehoshafati, indodana ka-Ahiludi, wayengumabhalana;
16
uSadoki, indodana ka-Ahithubi, no-Abimeleki indodana ka-Abiyathara, babe ngabapristi; noShawusha wayengumbhali;
17
uBenaya, indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti; amadodana kaDavide ayengabokuqala ngasenkosini.
← Chapter 17
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 19 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29