bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
1 Chronicles 24
1 Chronicles 24
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 23
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 25 →
1
Nazi izigaba zamadodana ka-Aroni: amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.
2
Kepha oNadabi no-Abihu bandulela uyise ukufa, bengenabantwana; ngalokho o-Eleyazare no-Itamari kuphela babe ngabapristi.
3
ODavide, noSadoki wamadodana ka-Eleyazare, no-Ahimeleki wamadodana ka-Itamari babahlukanisa ngezigaba zabo njengenkonzo yabo.
4
Kwafunyaniswa emadodaneni ka-Eleyazare amadoda amaningi ayizinhloko kunasemadodaneni ka-Itamari; bahlukaniswa kanje: emadodaneni ka-Eleyazare kwakukhona abayishumi nesithupha abayizinhloko zezindlu zawoyise, nasemadodaneni ka-Itamari babe yisishiyagalombili njengezindlu zawoyise.
5
Bahlukaniswa ngenkatho, laba nalaba, ngokuba kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu emadodaneni ka-Eleyazare nasemadodaneni ka-Itamari.
6
UShemaya, indodana kaNethaneli, umbhali ongowamaLevi, wabaloba phambi kwenkosi, nezikhulu, noSadoki, nezikhulu, noSadoki umpristi, no-Ahimeleki indodana ka-Abiyathara, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi; enye indlu yawoyise yakhishelwa u-Eleyazare, nenye yakhishelwa u-Itamari.
7
Inkatho yokuqala yadla uJehoyaribi, neyesibili uJedaya,
8
neyesithathu uHarimi, neyesine uSehorimi,
9
neyesihlanu uMalikhiya, neyesithupha uMijamini,
10
neyesikhombisa uHakhosi, neyesishiyagalombili u-Abiya,
11
neyesishiyagalolunye uJeshuwa, neyeshumi uShekaniya,
12
neyeshumi nanye u-Eliyashibi, neyeshumi nambili uJakimi,
13
neyeshumi nantathu uHupha, neyeshumi nane uJeshebeyabe,
14
neyeshumi nanhlanu uBiliga, neyeshumi nesithupha u-Imeri,
15
neyeshumi nesikhombisa uHeziri, neyeshumi nesishiyagalombili uHaphisesi,
16
neyeshumi nesishiyagalolunye uPhethahiya, neyamashumi amabili uJehezekeli,
17
neyamashumi amabili nanye uJakini, neyamashumi amabili nambili uGamuli,
18
neyamashumi amabili nantathu uDelaya, neyamashumi amabili nane uMahaziya.
19
Lezo zaziyizigaba zabo njengenkonzo yabo ukuba bangene endlini kaJehova njengomthetho ababewunikwe ngesandla sika-Aroni uyise, njengalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ebemyalile.
20
Abaseleyo emadodaneni kaLevi babe yilaba: emadodaneni ka-Amramu nguShubayeli; emadodaneni kaShubayeli nguJehedeya.
21
KuRehabiya: emadodaneni kaRehabiya: nguJishiya inhloko.
22
KumaJisihari: nguShelomoti; emadodaneni kaShelomoti: nguJahati.
23
Amadodana kaHebroni: nguJeriya inhloko, no-Amariya owesibili, noJahaziyeli owesithathu, noJekameyamu owesine.
24
Amadodana ka-Uziyeli: nguMika; emadodaneni kaMika: nguShamiri.
25
Umfowabo kaMika: nguJishiya; emadodaneni kaJishiya: nguZakariya.
26
Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi; amadodana kaJahaziya: nguBeno.
27
Amadodana kaMerari: ngoJahaziya, noBeno, noShohamu, noZakuri, no-Ibiri.
28
KuMaheli: ngu-Eleyazare, owayengenabantwana.
29
KuKishi, kungamadodana kaKishi: nguJerameli.
30
Amadodana kaMushi: ngoMaheli, no-Edere, noJerimoti. Yilabo ababe ngamadodana amaLevi ngezindlu zawoyise.
31
Nalabo benza inkatho njengabafowabo, amadodana ka-Aroni, ebusweni bukaDavide inkosi, noSadoki, no-Ahimeleki, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi, inhloko yawoyise njengomfowabo omncane.
← Chapter 23
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 25 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29