bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
1 Chronicles 7
1 Chronicles 7
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 6
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 8 →
1
Amadodana ka-Isakare: ngoThola, noPhuwa, noJashubi, noShimroni, bebane.
2
Amadodana kaThola: ngo-Uzi, noRefaya, noJeriyeli, noJahemayi, no-Ibisamu, noShemuweli, izinhloko zezindlu zawoyise, abakwaThola, amaqhawe anamandla ngezizukulwane zawo; umumo wawo ngezinsuku zikaDavide wawuyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu ayisithupha.
3
Amadodana ka-Uzi: nguJizirahiya; amadodana kaJizirahiya: ngoMikayeli, no-Obadiya, noJoweli, noJishiya, beyisihlanu, beyizinhloko bonke.
4
Kanye nawo kwakukhona ngezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise amaviyo empi yokulwa, abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha, ngokuba babe nabafazi abaningi namadodana amaningi.
5
Abafowabo kuyo yonke imindeni ka-Isakare, amaqhawe anamandla, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa, bebhalwe bonke ngezizukulwane zabo.
6
Amadodana kaBenjamini: ngoBela, noBekeri, noJediyayeli, bebathathu.
7
Amadodana kaBela: ngo-Esiboni, no-Uzi, no-Uziyeli, noJerimoti, no-Iri, beyisihlanu, izinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namashumi amathathu nane, bebhalwe ngezizukulwane zabo.
8
Amadodana kaBekeri: ngoZemira, noJowashi, no-Eliyezeri, no-Eliyohenayi, no-Omri, noJeremoti, no-Abiya, no-Anathoti, no-Alemeti. Bonke labo babe ngamadodana kaBekeri.
9
Babhalwa ngezizukulwane zabo, beyizinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu amabili.
10
Amadodana kaJediyayeli: nguBilihani; amadodana kaBilihani: ngoJewushe, noBenjamini, no-Ehudi, noKhenahana, noZethani, noTharishishi, no-Ahishahari.
11
Bonke labo babe ngamadodana kaJediyayeli ngezinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane eziyishumi nesikhombisa namakhulu amabili abangaphuma impi ukuyokulwa.
12
OShuphimi noHuphimi babe ngamadodana ka-Iri; uHushimi wayeyindodana ka-Aheri.
13
Amadodana kaNafetali: ngoJasiyeli, noGuni, noJeseri, noShalumi, amadodana kaBiliha.
14
Amadodana kaManase: ngu-Asiriyeli owamzalelayo umkakhe; isancinza sakhe umAramukazi sazala uMakiri uyise kaGileyadi.
15
UMakiri wathathela oHuphimi noShuphimi abafazi; igama likadadewabo lalinguMahakha. Igama lowesibili lalinguSelofehadi; uSelofehadi wayenamadodakazi.
16
UMahakha umkaMakiri wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uPhereshi; igama lomfowabo lalinguShereshi; amadodana akhe ayengo-Ulamu noRakemi.
17
Amadodana ka-Ulamu: nguBedani. Labo babe ngamadodana kaGileyadi kaMakiri kaManase.
18
Udadewabo uHamoleketi wazala o-Ishihodi, no-Abiyezeri, noMahela.
19
Amadodana kaShemida ayengo-Ahiyani, noShekemi, noLikihi, no-Aniyamu.
20
Amadodana ka-Efrayimi: ngoShuthela, noBeredi indodana yakhe, noTahati indodana yakhe, no-Eleyada indodana yakhe, noTahati indodana yakhe,
21
noZabadi indodana yakhe, noShuthela indodana yakhe, no-Ezeri no-Eleyadi ababulawa ngabantu baseGati ababezelwe kulelo zwe, ngokuba behla ukuthatha izinkomo zabo.
22
U-Efrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza ukumduduza.
23
Wangena kumkakhe; wamitha, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uBeriya,* ngokuba indlu yakhe yayisengozini.
24
Indodakazi yakhe yayinguSheyera owakha iBeti Horoni laseNzansi nelaseNhla, ne-Uzeni Sheyera.
25
URefa wayeyindodana yakhe, noReshefi, noThela indodana yakhe, noThahani indodana yakhe,
26
noLadani indodana yakhe, no-Amihudi indodana yakhe, no-Elishama indodana yakhe,
27
noNuni indodana yakhe, noJoshuwa indodana yakhe.
28
Ifa labo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBethele nemizana yalo, nangasempumalanga iNaharani, nangasentshonalanga iGezeri nemizana yalo, neShekemi nemizana yalo, kwaze kwaba se-Aya nemizana yalo;
29
nangasemikhawulweni yabantwana bakwaManase iBeti Sheyani nemizana yalo, neThahanaki nemizana yalo, neMegido nemizana yalo, neDori nemizana yalo. Kuleyo kwahlala abantwana bakaJosefa indodana ka-Israyeli.
30
Amadodana ka-Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo.
31
Amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli owayenguyise kaBirizayiti.
32
UHebere wazala oJafeleti, noShomeri, noHothamu, noShuwa udadewabo.
33
Amadodana kaJafeleti: ngoPhasaki, noBimihali, no-Ashivati. Labo babe ngabantwana bakaJafeleti.
34
Amadodana kaShemeri: ngo-Ahi, noRohiga, noJehuba, no-Aramu.
35
Amadodana kaHelemi umfowabo: ngoSofa, noJimna, noSheleshi, no-Amali.
36
Amadodana kaSofa: ngoShuwa, noHarineferi, noShuhali, noBeri, no-Imra,
37
noBeseri, noHodi, noShama, noShilisha, noJitrani, noBeyera.
38
Amadodana kaJetheri: ngoJefune, noPhisipha, no-Ara.
39
Amadodana ka-Ula: ngo-Ara, noHaniyeli, noRisiya.
40
Bonke labo babe ngabantwana baka-Asheri, izinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe akhethekileyo anamandla, izinhloko zezikhulu. Umumo wabo ubhalwe ngezizukulwane zabo ukuba balwe empini wawungabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesithupha.
← Chapter 6
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 8 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29