bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
1 Chronicles 9
1 Chronicles 9
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 8
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 10 →
1
Wabhalwa-ke wonke u-Israyeli ngezizukulwane; bheka, balotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli; uJuda wathunjelwa eBabele ngeziphambeko zakhe.
2
Abakhileyo kuqala emafeni abo emizini yabo babe ngu-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini.*
3
EJerusalema kwahlala kubantwana bakwaJuda, nakubantwana bakwaBenjamini, nakubantwana bakwa-Efrayimi noManase:
4
ngu-Uthayi ka-Amihudi ka-Omri ka-Imri kaBani kubantwana bakwaPheresi kaJuda.
5
KumaShiloni: ngu-Asaya izibulo namadodana akhe.
6
Kumadodana kaZera: nguJehuweli nabafowabo, bengamakhulu ayisithupha namashumi ayisishiyagalolunye.
7
Kumadodana kaBenjamini: nguSalu kaMeshulamu kaHodaviya kaHasenuwa,
8
no-Ibineya indodana kaJerohamu, no-Ela ka-Uzi kaMikiri, noMeshulamu kaShefathiya kaRehuweli kaJibiniya,
9
nabafowabo ngezizukulwane zabo, bengamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisihlanu nesithupha. Bonke labo bantu babe yizinhloko zezindlu zawoyise ngokwezindlu zawoyise.
10
Kubapristi: ngoJedaya, noJehoyaribi, noJakini,
11
no-Azariya kaHilikiya kaMeshulamu kaSadoki kaMerayoti ka-Ahithubi, umphathi wendlu kaNkulunkulu,
12
no-Adaya kaJerohamu kaPhashuri kaMalikhiya noMahasayi ka-Adiyeli kaJahizera kaMeshulamu kaMeshilemiti ka-Imeri,
13
nabafowabo, izinhloko zezindlu zawoyise, beyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha, amadoda ahlakaniphile emsebenzini wenkonzo yasendlini kaNkulunkulu.
14
KumaLevi: nguShemaya kaHashubi ka-Azirikamu kaHashabiya kumadodana kaMerari,
15
noBakibakari, noHereshi, noGalali, noMathaniya kaMika kaZikiri ka-Asafa,
16
no-Obadiya kaShemaya kaGalali kaJeduthuni, noBerekiya ka-Asa ka-Elkana owahlala emizaneni yamaNethofa,
17
nabalindisango oShalumi, no-Akubi, noThalimoni, no-Ahimani, nabafowabo; uShalumi wayeyinhloko.
18
Kwaze kwaba kuleso sikhathi babe sesangweni lenkosi ngasempumalanga; babe ngabalindisango bekamu* labantwana bakwaLevi.
19
UShalumi kaKore ka-Ebiyasafa kaKora, nabafowabo bendlu kayise, amaKorahi, babephethe umsebenzi wenkonzo, bengabalindisango etabernakele;* oyise babemele ikamu* likaJehova bengabalindisango.
20
UFinehasi indodana ka-Eleyazare wayengumbusi phezu kwabo ngesikhathi esidlulileyo. UJehova wayenaye.
21
UZakariya indodana kaMeshelemiya wayengumlindisango etendeni lokuhlangana.
22
Bonke labo ababekhethiwe ukuba babe ngabalindisango babe ngamakhulu amabili neshumi nambili. Babhalwa ngezizukulwane emizaneni yabo, bamiswa ngoDavide noSamuweli umboni ezikhundleni zabo.
23
Bona nabantwana babo babephethe amasango endlu kaJehova, indlu yetende, belinda.
24
Abalindi babekhona ezinhlangothini ezine: ngasempumalanga, nangasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu.
25
Abafowabo emizaneni yabo babeyakungena emva kwezinsuku eziyisikhombisa njalo izikhathi ngezikhathi ukuba babe nabo,
26
ngokuba abalindi abane abakhulu ababe ngamaLevi babe sesikhundleni njalo, bephethe amakamelo nengcebo endlini kaNkulunkulu.
27
Bahlala ebusuku bezungeza indlu kaNkulunkulu, ngokuba kwakungokwabo ukuyilinda, kwakungokwabo futhi ukuyivula ekuseni imihla ngemihla.
28
Abanye babephethe izitsha zenkonzo, ngokuba zangeniswa ngokubalwa, zakhishwa ngokubalwa.
29
Abanye kubo babemiselwe impahla, nezitsha zonke zendlu engcwele, nempuphu, newayini, namafutha, nenhlaka, namakha.
30
Abanye bamadodana abapristi bagxoba amakha aba ngamafutha.
31
UMatithiya, omunye wamaLevi, owayeyizibulo likaShalumi umKorahi wayenesikhundla sokubheka izinto ezenziwa amakhanzini.
32
Abanye abafowabo bamadodana amaKohati babephethe izinkwa zokubukwa ukuba bazilungise onke amasabatha.
33
Kepha abanye, abahlabeleli, izinhloko zezindlu zawoyise zamaLevi, babe semakamelweni bekhululekile kokunye, ngokuba babe semsebenzini wabo imini nobusuku.
34
Labo babe yizinhloko zezindlu zawoyise bamaLevi, izinhloko ezizukulwaneni zabo, bahlala eJerusalema.
35
EGibeyoni kwahlala uyise kaGibeyoni uJehiyeli ogama lomkakhe lalinguMahakha,
36
nendodana yakhe eyizibulo u-Abidoni, kanye noSuri, noKishi, noBali, noNeri, noNadabi,
37
noGedori, no-Ahiyo, noZakariya, noMikiloti.
38
UMikiloti wazala uShimeyamu. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo.
39
UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.
40
Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika.
41
Amadodana kaMika: ngoPhithoni, noMeleki, noThareya, no-Ahazi.
42
U-Ahazi wazala uJara; uJara wazala o-Alemeti, no-Azimaveti, noZimri; uZimri wazala uMosa;
43
uMosa wazala uBineya; uRefaya wayeyindodana yakhe; ngu-Eleyasa indodana yakhe, ngu-Aseli indodana yakhe;
44
u-Aseli wayenamadodana ayisithupha; amagama awo yilawa: o-Azirikamu, noBokeru, no-Ishmayeli, noShehariya, no-Obadiya, noHanani; labo babe ngamadodana ka-Aseli.
← Chapter 8
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 10 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29