bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
1 Chronicles 2
1 Chronicles 2
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 1
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 3 →
1
Nanka amadodana ka-Israyeli: oRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni,
2
noDani, noJosefa, noBenjamini, noNafetali, noGadi, no-Asheri.
3
Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela; labo abathathu bazalwa nguye kuBati Shuwa, umKhananikazi. Kepha u-Eri, izibulo likaJuda, wayemubi emehlweni kaJehova; wambulala.
4
UTamari umalokazana wakhe wamzalela oPheresi noZera. Onke amadodana kaJuda ayeyisihlanu.
5
Amadodana kaPheresi: ngoHesironi noHamule.
6
Amadodana kaZera: ngoZimri, no-Ethani, noHemani, noKalikoli, noDara, eyisihlanu onke.
7
Amadodana kaKarmi: ngo-Akari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo.
8
Amadodana ka-Ethani: ngu-Azariya.
9
Amadodana kaHesironi awazalelwayo: ngoJerameli, noRamu, noKelubayi.
10
URamu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni, isikhulu sabantwana bakwaJuda;
11
uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBowazi;
12
uBowazi wazala u-Obede; u-Obede wazala uJese.
13
UJese wazala izibulo lakhe u-Eliyabi, no-Abinadaba owesibili, noShimeya owesithathu,
14
noNethaneli owesine, noRadayi owesihlanu,
15
no-Osemi owesithupha, noDavide owesikhombisa;
16
odadewabo: ngoSeruya no-Abigayili. Amadodana kaSeruya: ngo-Abishayi, noJowabe, no-Asaheli, emathathu.
17
U-Abigayili wazala u-Amasa; uyise ka-Amasa wayenguJetheri umIshmayeli.
18
UKalebi indodana kaHesironi wazala ku-Azuba umkakhe nakuJeriyoti; amadodana akhe: ngoJesheri, noShobabi, no-Aridoni.
19
Wafa u-Azuba; uKalebi wathatha u-Efrati, owamzalela uHure.
20
UHure wazala u-Uri; u-Uri wazala uBesaleli.
21
Ngasemuva uHesironi wangena kuyo indodakazi kaMakiri uyise kaGileyadi; wamthatha eseneminyaka engamashumi ayisithupha; wamzalela uSegubi.
22
USegubi wazala uJayire, owayenemizi engamashumi amabili nantathu ezweni lakwaGileyadi.
23
OGeshuri no-Aramu babaphuca imizi kaJayirem, kanye neKhenati nemizi yalo, imizi engamashumi ayisithupha. Bonke labo babe ngamadodana kaMakiri uyise kaGileyadi.
24
Emva kokuba esefile uHesironi eKalebi Efratha, u-Abiya, umkaHesironi, wamzalela u-Ashuri uyise kaThekhowa.
25
Amadodana kaJerameli, izibulo likaHesironi, ayenguRamu izibulo, noBuna, no-Oreni, no-Osemi, no-Ahiya.
26
UJerameli wayenomunye umfazi ogama lakhe lalingu-Athara; wayengunina ka-Onamu.
27
Amadodana kaRamu, izibulo likaJerameli, ayengoMahasi, noJamini, no-Ekheri.
28
Amadodana ka-Onamu ayengoShamayi noJada; amadodana kaShamayi: ngoNadabi no-Abishuri.
29
Igama lomka-Abishuri lalingu-Abihayili; wamzalela o-Ahibani noMolidi.
30
Amadodana kaNadabi: ngoSeledi no-Aphayimi; kepha uSeledi wafa engenabantwana.
31
Amadodana ka-Aphayimi: ngu-Ishi; amadodana ka-Ishi: nguSheshani; amadodana kaSheshani: ngu-Ahilayi.
32
Amadodana kaJada umfowabo kaShamayi: ngoJetheri noJonathani; uJetheri wafa engenabantwana.
33
Amadodana kaJonathani: ngoPheleti noZaza. Labo babe ngamadodana kaJerameli.
34
Kepha uSheshani wayengenamadodana, enamadodakazi odwa. USheshani wayenenceku, eyaseGibithe, egama layo lalinguJariha.
35
USheshani wanika uJariha inceku yakhe indodakazi yakhe ibe ngumkakhe; wamzalela u-Athayi.
36
U-Athayi wazala uNathani; uNathani wazala uZabadi;
37
uZabadi wazala u-Efilali; u-Efilali wazala u-Obede;
38
u-Obede wazala uJehu; uJehu wazala u-Azariya;
39
u-Azariya wazala uHelesi; uHelesi wazala u-Eleyasa;
40
u-Eleyasa wazala uSisamayi; uSisamayi wazala uShalumi;
41
uShalumi wazala uJekamiya; uJekamiya wazala u-Elishama.
42
Amadodana kaKalebi umfowabo kaJerameli: nguMesha izibulo lakhe, owayenguyise kaZifi, namadodana kaMaresha, uyise kaHebroni.
43
Amadodana kaHebroni: ngoKora, noTaphuwa, noRekemi, noShema.
44
UShema wazala uRahamu uyise kaJorikeyamu; uRekemi wazala uShamayi.
45
Indodana kaShamayi: nguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBeti Suri.
46
U-Efa, isancinza sikaKalebi, wazala oHarana, noMosa, noGazezi; uHarana wazala uGazezi.
47
Amadodana kaJadayi: ngoRegemi, noJothamu, noGeshani, noPheleti, no-Efa, noShahafi.
48
UMahakha, isancinza sikaKalebi, wazala oSheberi noThirihana.
49
Wazala noShahafi uyise kaMadimana, noSheva uyise kaMakibena, noyise kaGibeya; indodakazi kaKalebi yayingu-Akisa.
50
Laba babe ngamadodana kaKalebi: amadodana kaHure izibulo lika-Efratha: nguShobali uyise kaKiriyati Jeharimi,
51
noSalima uyise kaBetlehema, noHarefi uyise kaBeti Gaderi.
52
NoShobali uyise kaKiriyati Jeharimi wayenamadodana: nguHarowe nenxenye kaMenuhoti.
53
Imindeni kaKiriyati Jeharimi yayingamaJetheri, namaPhuthi, namaShumati, namaMishirayiti; kubona kwavela amaSorati nama-Eshitawoli.
54
Amadodana kaSalima: nguBetlehema, namaNethofa, no-Atharoti BetiJowabe, nenxenye yamaManahati, amaSori.
55
Imindeni yababhali ababehlala eJabesi: ngamaThirati, namaShimeyati, namaSukati. Labo babe ngamaKheni avela kuHamati uyise wendlu kaRekabi.
← Chapter 1
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 3 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29