bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
1 Chronicles 27
1 Chronicles 27
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 26
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 28 →
1
Nampa abantwana bakwa-Israyeli ngomumo wabo, izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zabo ezazikhonza inkosi kukho konke okwezigaba, ezazingena, ziphuma inyanga ngenyanga ezinyangeni zonke zomnyaka; kuleso naleso sigaba zazikhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
2
Phezu kwesigaba sokuqala ngenyanga yokuqala kwakunguJashobehamu indodana kaZabidiyeli; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
3
Wayengowabantwana bakwaPheresi, inhloko yazo zonke izinduna zempi ngenyanga yokuqala.
4
Phezu kwesigaba senyanga yesibili kwakunguDodayi umAhohi nesigaba sakhe; kwakukhona nombusi uMikiloti; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
5
Induna yesithathu yempi ngenyanga yesithathu kwakunguBenaya indodana kaJehoyada umpristi, inhloko; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
6
Nguye lowo Benaya owayeyiqhawe labangamashumi amathathu nowayephezu kwamashumi amathathu; owesigaba sakhe kwakungu-Amizabadi indodana yakhe.
7
Eyesine ngenyanga yesine kwakungu-Asaheli umfowabo kaJowabe noZebadiya indodana yakhe emva kwakhe; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
8
Eyesihlanu ngenyanga yesihlanu kwakunguShamhuti umJizirahi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
9
Eyesithupha ngenyanga yesithupha kwakungu-Ira indodana ka-Ikheshi waseThekhowa; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
10
Eyesikhombisa ngenyanga yesikhombisa kwakunguHelesi umPheloni wabantwana bakwa-Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
11
Eyesishiyagalombili ngenyanga yesishiyagalombili kwakunguSibekayi umHushati kumaZera; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
12
Eyesishiyagalolunye ngenyanga yesishiyagalolunye kwakungu-Abiyezeri umAnathoti wabakwaBenjamini; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
13
Eyeshumi ngenyanga yeshumi kwakunguMaharayi waseNethofa kumaZera; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
14
Eyeshumi nanye ngenyanga yeshumi nanye kwakunguBenaya umPirathoni wabantwana bakwa-Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
15
Eyeshumi nambili ngenyanga yeshumi nambili kwakunguHelidayi waseNethofa ka-Otheniyeli; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
16
Phezu kwezizwe zakwa-Israyeli kwakuyilaba: kwabakwaRubeni u-Eliyazeri indodana kaZikiri wayengumbusi; kwabakwaSimeyoni nguShefathiya indodana kaMahakha;
17
kuLevi nguHashabiya indodana kaKemuweli; ku-Aroni nguSadoki;
18
kuJuda ngu-Elihu wabafowabo bakaDavide; ku-Isakare ngu-Omri indodana kaMikayeli;
19
kuZebuloni ngu-Ishmaya indodana ka-Obadiya; kuNafetali nguJeremoti indodana ka-Aziriyeli;
20
kubantwana bakwa-Efrayimi nguHosheya indodana ka-Azaziya; enxenyeni yesizwe sakwaManase nguJoweli indodana kaPhedaya;
21
enxenyeni kaManase wakwaGileyadi ngu-Ido indodana kaZakariya; kuBenjamini nguJahasiyeli indodana ka-Abineri;
22
kuDani ngu-Azareli indodana kaJerohamu. Yilabo ababe yizinduna zezizwe zakwa-Israyeli.
23
Kepha uDavide akabalanga umumo waba neminyaka engamashumi amabili nabangaphansi, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakwandisa u-Israyeli ukuba abe ngangezinkanyezi zezulu.
24
UJowabe indodana kaSeruya waqala ukubala, kepha akaqedanga; kwaba khona ulaka ngalokho phezu kuka-Israyeli, nomumo awufakwanga encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.
25
U-Azimaveti indodana ka-Adiyeli wayephethe ingcebo yenkosi; uJonathani indodana ka-Uziya wayephethe izinto emasimini, nasemizini, nasemizaneni, nasezinqabeni;
26
u-Eziri indodana kaKelubi wayephethe abenza umsebenzi wasendle wokulima umhlabathi;
27
uShimeyi waseRama wayephethe izivini; uZabidi waseShefamu wayephethe iwayini elibekelelweyo lithathwe ezivinini;
28
uBali Hanani umGederi wayephethe iminqumo nemikhiwane eyayisehlanzeni; uJowashi wayephethe imigodi yamafutha;
29
imihlambi eyayiklaba eSharoni yayiphethwe nguShitirayi umSharoni, nemihlambi eyayisezigodini yayiphethwe nguShafati indodana ka-Adilayi;
30
u-Obili wakwa-Ishmayeli wayephethe amakamela; uJehedeya umMeronoti wayephethe izimbongolo;
31
uJazizi umHagiri wayephethe izimvu. Bonke labo babe yizinduna zemfuyo yenkosi uDavide.
32
UJonathani, uyisekazi kaDavide, wayengumluleki, wayengumuntu ohlakaniphileyo nombhali; uJehiyeli indodana kaHakimoni wayenamadodana enkosi;
33
u-Ahithofeli wayengumluleki wenkosi; uHushayi umArki wayengumngane wenkosi;
34
emva kuka-Ahithofeli kwakunguJehoyada indodana kaBenaya no-Abiyathara; uJowabe wayeyinduna yempi yenkosi.
← Chapter 26
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 28 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29