bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
1 Chronicles 25
1 Chronicles 25
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 24
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 26 →
1
UDavide nezinduna zempi base bahlukanisela inkonzo amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani, nakaJeduthuni, ayeyakuprofetha ngamahabhu,* nangezingubhu, nangamasimbali;* umumo wabantu balo msebenzi wenkonzo wawunje:
2
emadodaneni ka-Asafa: ngoZakuri, noJosefa, noNethaniya, no-Asharela, amadodana ka-Asafa, phansi kwezandla zika-Asafa owaprofetha ngezandla zenkosi.
3
KuJeduthuni: amadodana kaJeduthuni: ngoGedaliya, noSeri, noJeshaya, noShimeyi, noHashabiya, noMatithiya, bebayisithupha, phansi kwezandla zikayise uJeduthuni owaprofetha ngehabhu* ngokubonga nangokudumisa uJehova.
4
KuHemani: amadodana kaHemani: ngoBukiya, noMathaniya, no-Uziyeli, noShebuweli, noJerimoti, noHananiya, noHanani, no-Eliyatha, noGidaliti, noRomamiti Ezeri, noJoshibekasha, noMaloti, noHothiri, noMahaziyoti;
5
bonke labo babe ngamadodana kaHemani umboni wenkosi ngamazwi kaNkulunkulu okuphakamisa uphondo lwakhe; uNkulunkulu wamnika uHemani amadodana ayishumi nane namadodakazi amathathu.
6
Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali,* nangezingubhu, nangamahabu* enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi.
7
Umumo wabo kanye nabafowabo ababefundisiwe ukuhlabelela kuJehova nabayizazi wawungamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili.
8
Benza inkatho ngenkonzo, omunye ngomunye, omncane njengomkhulu, isazi nomfundi.
9
Inkatho yokuqala yadla uJosefa ka-Asafa, neyesibili uGedaliya; yena nabafowabo namadodana akhe babe yishumi nambili;
10
eyesithathu uZakuri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
11
eyesine uJisiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
12
eyesihlanu uNethaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
13
eyesithupha uBukiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
14
eyesikhombisa uJesharela, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
15
eyesishiyagalombili uJeshaya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
16
eyesishiyagalolunye uMathaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
17
eyeshumi uShimeyi, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
18
eyeshumi nanye u-Azareli, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
19
eyeshumi nambili uHashabiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
20
eyeshumi nantathu uShubayeli, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
21
eyeshumi nane uMatithiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
22
eyeshumi nanhlanu uJeremoti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
23
eyeshumi nesithupha uHananiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
24
eyeshumi nesikhombisa uJoshibekasha, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
25
eyeshumi nesishiyagalombili uHanani, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
26
eyeshumi nesishiyagalolunye uMaloti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
27
eyamashumi amabili u-Eliyatha, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
28
eyamashumi amabili nanye uHothiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
29
eyamashumi amabili nambili uGidaliti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
30
eyamashumi amabili nantathu uMahaziyoti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
31
eyamashumi amabili nane uRomamiti Ezeri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili.
← Chapter 24
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 26 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29