bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Proverbs 12
Proverbs 12
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 11
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 13 →
1
Othanda ukuyalwa uthanda ulwazi, kodwa ozonda ukusolwa uyisiwula.
2
Umuntu owenza kahle uthola umusa kuSimakade, kepha onamacebo amabi uyamlahla.
3
Umuntu akanakuma ngenkohlakalo, kepha impande yabalungileyo ayiyukunyakaziswa.
4
Owesifazane okhutheleyo ungumqhele kumyeni wakhe, kepha ohlazisayo ufana nokubola emathanjeni omyeni wakhe.
5
Amacebo abalungileyo angubulungiswa, kepha izeluleko zababi ziyinkohliso.
6
Amazwi ezikhohlakali aqamekela ukuchitha igazi, kepha umlomo wabaqotho uyabahlenga.
7
Izikhohlakali ziyobhujiswa, ziphele nya, kodwa indlu yabalungileyo iyokuma njalo.
8
Umuntu utuswa ngokuhlakanipha kwakhe, kepha onhliziyo iphambene uyadelelwa.
9
Kungcono ukuba ngodelelekile kodwa ube nenceku, kunokuba ngoziqhakambisayo ube weswele ukudla.
10
Olungileyo uyayinakekela impilo yesilwane sakhe, kepha isihe sezikhohlakali siwulunya.
11
Olima insimu yakhe uyodla asuthe, kodwa olandela amayiyane akanangqondo.
12
Isikhohlakali silangazelela impango yababi, kepha impande yabalungileyo iyathela.
13
Omubi ubanjwa ukuphambuka kwakhe kwakusho ngomlomo wakhe, kodwa olungileyo uyaphuma enkathazweni.
14
Umuntu uyasutha ngokuhle okuyisithelo somlomo wakhe, nemisebenzi yezandla zakhe imlethela inzuzo.
15
Indlela yesiwula ibukeka ilungile emehlweni aso, kepha lowo olalela iseluleko uhlakaniphile.
16
Isiwula sikukhombisa masinyane ukuthukuthela kwaso, kodwa onengqondo uyalifihla ihlazo.
17
Okhuluma ukwethembeka umemezela ukulunga, kepha ufakazi wamanga ukhuluma inkohliso.
18
Ukukhuluma kwabanye ngokuhlaphaza kufana nokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphileyo luyaphilisa.
19
Izindebe ezikhuluma iqiniso ziyakuma kuze kube phakade, kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.
20
Kunokukhohlisa ezinhliziyweni zabaceba okubi, kepha ukuthula nenjabulo kukubaluleki beqiniso.
21
Olungileyo akayukwehlelwa nangokukodwa okubi, kepha izikhohlakali zigcwele ukukhathazeka.
22
Izindebe ezikhuluma amanga ziyisinengiso kuSimakade, kodwa abenza iqiniso bayintokozo yakhe.
23
Umuntu ohlakaniphileyo uyalufihla ulwazi, kepha izinhliziyo zeziwula ziphafuza ubuwula.
24
Isandla sabakhuthele siyobusa, kodwa amavila ayophoqwa ukusebenza.
25
Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayidangalisa, kepha izwi elihle liyayithokozisa.
26
Olungileyo ungumholi womngani wakhe, kepha indlela yezikhohlakali iyazidukisa.
27
Ivila aliyosi inyamazane yalo, kodwa okhuthele unengcebo eningi.
28
Endleleni yokulunga kunokuphila, emikhondweni yakho akukho ukufa.
← Chapter 11
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 13 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31