bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Proverbs 19
Proverbs 19
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 18
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 20 →
1
Ungcono umuntu ompofu ohamba ngobuqotho, kunesiwula esikhuluma okuphambene ngezindebe zaso.
2
Futhi akukuhle ukuba umuntu angabi nalwazi; oshesha ngezinyawo uyaduka.
3
Ubuwula bomuntu buyayiguqula indlela yakhe, kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uSimakade.
4
Ingcebo ikwenza ube nabangani abaningi, kodwa ompofu ulahlwa nangabangani bakhe.
5
Ufakazi wamanga akayukuyekwa angajeziswa, nophafuza amanga akayukuphunyuka.
6
Baningi abazincengela ezikhulwini; bonke bafuna ukuba ngumngani womuntu ophanayo.
7
Ompofu uzondwa ngisho nayizihlobo zakhe; kakhulu kangakanani-ke abangani bakhe? Bayaziqhelelanisa naye; noma efuna ukukhuluma nabo, abatholwa ndawo.
8
Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe; ogcina ukuqonda, ufumana okuhle.
9
Ufakazi wamanga akayukuyekwa angajeziswa, nophafuza amanga uyobhubha.
10
Ukutamasa akusifanele isiwula, kakhulu kangakanani-ke ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu?
11
Ohlakaniphile uyephuza ukuthukuthela; kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.
12
Ukuthukuthela kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihe sayo sinjengamazolo otshanini.
13
Indodana eyisiwula, iyinhlupheko kuyise, nomfazi ohlala ethetha uyiphela endlebeni.
14
Indlu nengcebo kuyifa elivela kubazali, kodwa umfazi ohlakaniphileyo uvela kuSimakade.
15
Ubuvila buletha ubuthongo obunzima; oyivila uyobulawa yindlala.
16
Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe, kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.
17
Onomusa kompofu wetsheleka uSimakade; uyakuthola umvuzo.
18
Yiyale indodana yakho lisekhona ithemba; ungayifiseli ukuba ife.
19
Umuntu onolaka olukhulu wojeziswa; uma umkhulula, uyophinde akwenze lokho.
20
Yizwa iseluleko, wemukele ukuqondiswa, ukuze ekugcineni uhlakaniphe.
21
Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha inhloso kaSimakade iyokuma.
22
Okulangazelelwa ngumuntu ngukuba athembeke; kungcono ukuba mpofu kunokuba ube ngumuntu wamanga.
23
Ukumesaba uSimakade kuholela ekuphileni; onakho uhlala enelisiwe, akehlelwa ngokubi.
24
Ivila liyasifihla isandla salo esitsheni; alisibuyiseli nasemlonyeni walo.
25
Sishaye isedeleli ukuze ongenalwazi abe nokuqonda; msole ohlakaniphileyo, uyakuzuza ulwazi.
26
Ohlukumeza uyise noxosha unina, uyindodana ehlazisayo nebanga amahloni.
27
Ndodana yami, uma uyeka ukulalela ukuyalwa, uyakuduka emazwini okwazi.
28
Ofakaza okuyize wedelela umthetho; umlomo wezikhohlakali ugwinya inkohlakalo.
29
Ukulahlwa kulungiselwe izedeleli, nemivimbo, umhlane weziwula.
← Chapter 18
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 20 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31