bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Proverbs 14
Proverbs 14
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 13
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 15 →
1
Owesifazane ohlakaniphileyo uyayakha indlu yakhe, kodwa oyisiwula uyibhidliza ngezandla zakhe.
2
Ohamba ngobuqotho uyamesaba uSimakade, kodwa ozindlela zakhe zigwegile uyamedelela.
3
Emlonyeni wesiwula kuhluma ukuziqhenya, kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.
4
Lapho kungenazinkomo khona umkhombe awunalutho, kepha isivuno esikhulu siba khona ngenxa yamandla ezinkabi.
5
Ufakazi weqiniso akawaqambi amanga, kodwa ufakazi wamanga uphafuza inkohliso.
6
Isedeleli sifuna ukuhlakanipha kodwa singakutholi, kanti ulwazi lutholakala kalula koqondayo.
7
Suka phambi komuntu oyisiwula, ngokuba lapho awunakuwathola amazwi anolwazi.
8
Ukuhlakanipha koqondayo kungukuqonda indlela yakhe, kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.
9
Iziwula ziyawudelela umnikelo wecala, kepha kwabaqotho wemukelekile.
10
Inhliziyo iyabazi ubuhlungu bayo, kodwa umfokazi akanakuhlanganyela entokozweni yayo.
11
Indlu yezikhohlakali iyabhujiswa, kepha ithende labaqotho liyachuma.
12
Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.
13
Noma kuhlekwa inhliziyo inobuhlungu, ukuphela kwentokozo kulusizi.
14
Umuntu ohlehlayo uyothola umvuzo wezindlela zakhe, kodwa olungileyo uvuna akutshalileyo.
15
Ongenalwazi ukholwa yikho konke, kodwa ohlakaniphileyo uyaziqaphela izinyathelo zakhe.
16
Ohlakaniphileyo uyesaba, futhi uyadeda ebubini, kodwa isiwula siyaqhosha, asinaki lutho.
17
Umuntu onesififane wenza ubuwula, nomuntu onamacebo amabi uyazondwa.
18
Abangenalwazi badla ifa lobuwula, kepha abanokuqonda baqheliswa ngolwazi.
19
Ababi bakhothama phambi kwabalungileyo, nezikhohlakali, emasangweni abalungileyo.
20
Ompofu uyazondwa ngisho ngumakhelwane wakhe, kepha ocebileyo uthandwa ngabaningi.
21
Owedelela umakhelwane wakhe uyona, kodwa lowo onomusa kwabampofu ubusisiwe.
22
Abaduki yini abaceba okubi na? Umusa neqiniso kungokwabahlela okuhle.
23
Wonke umshikashika unenzuzo, kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela.
24
Umqhele wabahlakaniphileyo uyingcebo yabo, umgexo weziwula ungubuwula.
25
Ufakazi weqiniso uhlenga imiphefumulo, kepha ophafuza amanga unenkohliso.
26
Ekumesabeni uSimakade kunethemba elinamandla; lokho kubantwana bakhe kuyakuba yisiphephelo.
27
Ukwesaba uSimakade kungumthombo wokuphila, ukuze umuntu adede ezingibeni zokufa.
28
Udumo lwenkosi lusebuningini babantu ebabusayo, kepha ukuswela abantu kungukubhubha kombusi.
29
Owephuzayo ukuthukuthela unokuqonda okukhulu, kepha lowo othukuthela ngokushesha uphakamisa ubuwula.
30
Ingqondo enokuthula inikeza ukuphila emzimbeni, kodwa umhawu ukubolisa amathambo.
31
Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kodwa onomusa kontulayo uhlonipha uMenzi wakhe.
32
Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.
33
Ukuhlakanipha kuhlala enhliziyweni yonokuqonda, kodwa eziwuleni, akwaziwa.
34
Ukulunga kuyasiphakamisa isizwe, kodwa ukona kuyihlazo kubantu.
35
Isisa senkosi sisencekwini ehlakaniphileyo, kepha intukuthelo yayo ikulabo abenza okuyihlazo.
← Chapter 13
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 15 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31