bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Proverbs 28
Proverbs 28
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 27
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 29 →
1
Izikhohlakali zibaleka noma kungekho ozixoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.
2
Ngenxa yesiphambeko sezwe, linezikhulu eziningi, kepha ngomuntu onokuqonda nonolwazi liyakuma.
3
Umuntu oswelayo kodwa acindezele abampofu, unjengemvula ekhukhula ingashiyi kudla.
4
Abalahla umthetho batusa izikhohlakali, kepha abagcina umthetho balwa nazo.
5
Abantu ababi ababuqondi ubulungiswa, kodwa abafuna uSimakade, bakuqonda konke.
6
Ungcono ompofu ohamba ngobuqotho, kunocebileyo ohamba ngezindlela ezigwegwile.
7
Ogcina umthetho uyindodana ehlakaniphileyo, kanti ongumngani weziminzi uhlazisa uyise.
8
Owandisa ingcebo ngenzalo nangenzuzo ethe xaxa, uyiqoqela onomusa kwabampofu.
9
Ofulathelisa indlebe yakhe ekulaleleni umthetho nomkhuleko wakhe, uyisinengiso.
10
Oyengela abaqotho endleleni embi, nguyena oyokhalakathela emgodini, kepha abangenasici bayodla ifa elihle.
11
Ocebileyo uhlakaniphile emehlweni akhe, kodwa ompofu onokuqonda uyamhlolisisa, ambone.
12
Lapho abaqotho bethokoza, kuba nodumo olukhulu, kodwa uma izikhohlakali ziphakama, abantu bayacasha.
13
Ofihla iziphambeko zakhe akayukuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.
14
Ubusisiwe umuntu owesaba njalo, kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.
15
Umbusi okhohlakele obusa abampofu, unjengengonyama ebhodlayo nebhele elihahayo.
16
Umbusi ongenakuqonda ungumcindezeli ononya, kodwa ozonda inzuzo engalungile uyophila isikhathi eside.
17
Umuntu osindwa yigazi lomunye, uyakubaleka kuze kube segodini; makangasizwa muntu.
18
Ohamba ngobuqotho uzophepha, kepha ohamba ngezindlela ezigwegwile uyokuwa kwenye yazo.
19
Olima insimu yakhe uyosuthiswa ngukudla, kepha olandela amayiyane, uyosutha ubumpofu.
20
Owethembekileyo uyolandelwa yizibusiso, kepha oceba ngokushesha akayukuyekwa angajeziswa.
21
Ukwenzelela akukuhle, kepha ngocezwana nje lwesinkwa umuntu angenza okubi.
22
Umuntu onomona uyashesha ukuceba, kodwa akazi ukuthi ubuphofu buyakufika kuye.
23
Osola umuntu uyakuthola ngasemuva isisa kunothopha ngolimi lwakhe.
24
Ophanga uyise nonina, ethi: “Akusiso isiphambeko,” yena ungumngani wombhubhisi.
25
Umuntu ozazisayo udala ingxabano, kodwa owethembela kuSimakade uyakucetshiswa.
26
Owethembela enhliziyweni yakhe uyisiwula, kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.
27
Opha ompofu akayukuswela, kepha ositheza amehlo akhe uyakuba neziqalekiso eziningi.
28
Lapho izikhohlakali zivuka abantu bayacasha, kepha ngokubhubha kwazo abalungileyo bayanda.
← Chapter 27
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 29 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31