bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Proverbs 20
Proverbs 20
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 19
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 21 →
1
Iwayini liyisedeleli, uphuzo olunamandla lungumxokozeli; bonke abadiyazeliswa yilo kabahlakaniphile.
2
Ulaka lwenkosi olwesabisayo lunjengokubhonga kwengonyama; oyithukuthelisayo uyakulahlekelwa ngukuphila kwakhe.
3
Kuludumo kumuntu ukuziqhelelanisa nengxabano, kodwa zonke iziwula ziyashesha ukuphikisana.
4
Ivila alilimi ngesikhathi sokulima; lihamba lethekela ngesikhathi sokuvuna, ngoba lingenalutho.
5
Amasu enhliziyweni yomuntu anjengamanzi ajulileyo; umuntu onokuqonda uyakhelela.
6
Abantu abaningi bazishaya abalungileyo, kodwa ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?
7
Olungileyo uhamba ngobuqotho; babusisiwe abantwana bakhe.
8
Inkosi ehlezi esihlalweni sokwehlulela, ihlunga konke okubi ngamehlo ayo.
9
Ngubani ongasho athi: “Ngiyigcinile inhliziyo yami ihlanzekile; ngimsulwa ezonweni zami,” na?
10
Izisindo ezimbili nama-efa amabili adukisayo, kuyisinengiso kuSimakade.
11
Ngisho nomntwana waziwa ngezenzo zakhe ukuthi akwenzayo kuhle noma kubi.
12
Indlebe ezwayo neso elibonayo, kokubili kwenziwe nguSimakade.
13
Ungathandi ubuthongo, funa ube mpofu; vula amehlo akho, uyakusutha ngesinkwa.
14
“Kubi, kubi,” kusho umthengi, kepha esehambile uyazigabisa.
15
Kukhona igolide namarubhi amaningi, kodwa izindebe ezinolwazi ziyigugu elinqabileyo.
16
Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi, umbambe abe yisibambiso omele umfokazi.
17
Ukudla okutholakale ngomgunyathi kumnandi, kodwa kamuva umlomo uyakugcwala uhlwayi.
18
Amacebo wonke aqiniswa ngokululekana; yilwa impi ngamasu aphusile.
19
Ohamba encetheza wambula izimfihlo; ungazihlanganisi nomuntu okhulumela safuthi.
20
Oqalekisa uyise nonina, isibani sakhe siyocima phakathi kwesigayegaye.
21
Ifa elitholwe ngokuphazima kweso, aliyukuphetha ngesibusiso.
22
Ungasho uthi: “Ngiyakuphindisela okubi;” lindela uSimakade, uyakukusindisa.
23
Izisindo ezimbili ezingezona ezeqiniso ziyisinengiso kuSimakade, nezilinganiso ezikhohlisayo azilungile.
24
Zonke izinyathelo zomuntu ziqondiswa nguSimakade; pho umuntu angayiqonda kanjani indlela yakhe na?
25
Kulugibe kumuntu ukusho ngokushesha athi: “Kungcwele,” bese ecabanga kamuva ngesifungo asenzile.
26
Inkosi ehlakaniphileyo iyazihlakaza izikhohlakali; ukushinga kwazo ikuthele phezu kwazo.
27
Isibani sikaSimakade sihlola umoya womuntu; siphenyisisa izibilini zomuntu.
28
Umusa neqiniso kuyayilonda inkosi; isihlalo sayo sobukhosi sisekelwa ngomusa.
29
Udumo lwabasha lungamandla abo, nemvunulo yabadala ingubumpunga.
30
Imivimbo elimazayo ihlanza ububi, nokushaywa kuhlanza izibilini.
← Chapter 19
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 21 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31