bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Proverbs 21
Proverbs 21
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 20
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 22 →
1
Inhliziyo yenkosi injengemifula yamanzi esandleni sikaSimakade, uyiphendula iye noma kuphi lapho ethanda khona.
2
Zonke izindlela zomuntu zimsulwa emehlweni akhe, kodwa nguSimakade ohlolisisa izinhliziyo.
3
Ukwenza ukulunga nobulungiswa kuyathandeka kuSimakade, ngaphezu kwemihlatshelo.
4
Amehlo aziqhenyayo, inhliziyo eqhoshayo, nentokozo yezikhohlakali, kuyisono.
5
Izinhlelo zokhutheleyo ziholela enzuzweni, kodwa wonke ophangisayo ziyomyisa ebuphofini bodwa.
6
Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga kuyize elidlula njengomhwamuko nanjengezingibe zokufa.
7
Ubudlova bezikhohlakali buzishonisa phansi, ngoba zenqaba ukwenza ubulungiswa.
8
Indlela yonecala igwegwile, kodwa inkambo yolungileyo iqondile.
9
Kungcono ukukhosela ekhoneni lophahla, kunokuhlala ndlininye nowesifazane onothuthuva.
10
Umphefumulo wesikhohlakali ufisa okubi; umakhelwane waso akafumani sisa emehlweni aso.
11
Lapho isedeleli sijeziswa, ongenalwazi uyahlakanipha, nalapho ohlakaniphileyo efundiswa, uthola ulwazi.
12
Olungileyo uyayibhekisisa indlu yomubi; izikhohlakali ziqumbeka phansi, zibhubhe.
13
Ovala indlebe ekukhaleni kwabampofu, naye uyokhala angaphendulwa.
14
Isipho esikhishwa ekusithekeni sibohlisa ulaka, nomfumbathiso obuthukuswe esifubeni uyayidambisa intukuthelo enkulu.
15
Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ubulungiswa, kepha kuyimbubhiso kwabenza inkohlakalo.
16
Umuntu oweduka endleleni yokuhlakanipha uyakuphumula ebandleni labafileyo.
17
Othanda injabulo uyakuba mpofu, nothanda iwayini namafutha akayukuceba.
18
Isikhohlakali siyinhlawulo kolungileyo, kanjalo nombuluzayo, esikhundleni soqotho.
19
Kungcono ukuhlala ezweni eliyihlane, kunokuhlala nowesifazane onochuku nonolaka.
20
Kukhona ingcebo enxanelekayo namafutha endlini yohlakaniphileyo, kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.
21
Olandela ukulunga nokwethembeka ufumana ukuphila, ukulunga, nodumo.
22
Ohlakaniphileyo angenyukela emzini wamaqhawe, ayiwise inqaba athembele kuyo.
23
Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.
24
Ozidlayo nozigabisayo yisedeleli igama lakhe, yena owenza konke ngokuziphakamisa okukhulu.
25
Isifiso sevila siyalibulala, ngokuba izandla zalo ziyenqaba ukusebenza.
26
Onomhobholo ufisa usuku lonke, kepha olungileyo uyapha, angagodli lutho.
27
Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso; kakhulu kangakanani-ke uma ulethwa ngenhloso embi.
28
Ufakazi wamanga uyakubhujiswa, kepha umuntu olalelayo angakhuluma njalo.
29
Umuntu okhohlakele uqinisa ubuso, kepha oqotho uyayinaka indlela yakhe.
30
Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.
31
Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukunqoba kungokukaSimakade.
← Chapter 20
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 22 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31