bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Proverbs 24
Proverbs 24
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 23
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 25 →
1
Ungabi namhawu ngabantu ababi, ungafisi ukuba nabo.
2
Ngokuba inhliziyo yabo iceba ubudlova, nezindebe zabo zibhunga inkathazo.
3
Indlu yakhiwa ngokuhlakanipha, iqiniswe ngokuqonda.
4
Amakamelo agcwaliswa ngolwazi, nangayo yonke ingcebo enqabileyo neyigugu.
5
Umuntu ohlakaniphileyo wedlula onamandla, nonolwazi wedlula onezikhwepha.
6
Ngokucabanga okwephusile ungaphaka impi, nokunqoba kusebuningini babeluleki.
7
Ukuhlakanipha kuphakeme kakhulu esiwuleni, sona asiwuvuli umlomo waso esangweni.
8
Ocabanga ukwenza okubi uyakubizwa ngokuthi owenza amacebo amabi.
9
Ukuceba ubuwula kuyisono, nobhinqayo uyisinengiso kubantu.
10
Uma uxega amadolo ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.
11
Bahlenge abayiswa ekufeni, ubambe abantengantenga beyobulawa.
12
Uma uthi: “Bheka, besingakwazi lokhu;” akakuqondi yini lowo ohlola izinhliziyo na? Nolonda umphefumulo wakho akakwazi na? Futhi akayukuphindisela yini kumuntu ngokwemisebenzi yakhe na?
13
Ndodana yami, yidla uju, ngokuba lumnandi; uju olusemakhekhebeni luyanambitheka emlonyeni.
14
Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho; uma ukutholile, likhona ikusasa, nethemba lakho aliyukushabalala.
15
Wena sikhohlakali ungayicutheli indlu yolungileyo, ungayibhubhisi indawo yakhe yokuphumula,
16
ngokuba noma olungileyo angawa kasikhombisa, uyobuye avuke, kepha izikhohlakali ziyowiswa ngokubi.
17
Ungathokozi lapho isitha sakho siwa, nenhliziyo yakho mayingajabuli ngokukhubeka kwaso,
18
funa uSimakade akubone lokho, kube kubi phambi kwakhe, ayisuse intukuthelo yakhe kuso.
19
Ungazikhathazi ngabenza okubi, ungabi namhawu ngezikhohlakali.
20
Ngokuba omubi akayukuba nalo ikusasa, nesibani sezikhohlakali siyakucima.
21
Ndodana yami, mesabe uSimakade nenkosi, ungazihlanganisi nabamelana nabo,
22
ngokuba inhlekelele izobehlela ngokuzuma. Ngubani owazi ukubhujiswa okungalethwa yibo bobabili na?
23
Nanka amanye amazwi okuhlakanipha: akukuhle ukubheka ubuso bomuntu lapho wehlulelwa.
24
Othi esikhohlakalini: “Ulungile,” abantu bayakumqalekisa, nezizwe ziyakumhlamuka.
25
Kwabamthethisayo kuyokuba mnandi, kwehlele phezu kwabo isibusiso esihle.
26
Impendulo eyiqiniso injengokuqabula ezindebeni.
27
Qeda umsebenzi wakho ngaphandle, uzilungiselele wona ensimini yakho, emveni kwalokho yakha indlu yakho.
28
Ungabi ngufakazi omelana nomakhelwane wakho kungenasizathu; uyakukhohlisa ngezindebe zakho na?
29
Ungabosho ukuthi: “Njengalokho enzile kimi, kanjalo ngiyakwenza kanjalo kuye; ngizakuphindisela kuye njengokwezenzo zakhe.”
30
Ngedlula ngasensimini yomuntu oyivila, nasesivinini somuntu ongenangqondo;
31
bheka, kwakumile ukhula lwameva, kwembozwe gimbici yimbabazane, nomthangala okubiyeleyo udilikele phansi.
32
Mina ngakubona lokho, ngacabanga; ngabona, ngathola isifundo sokuthi:
33
ngokozela kancane, nokuthatha isihlwathi, usonge izandla kuze kuyolalwa,
34
ubuphofu behlela phezu kwakho ube njengomhambuma, weswele njengebutho elihlale lithwele isihlangu.
← Chapter 23
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 25 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31