bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Proverbs 13
Proverbs 13
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 12
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 14 →
1
Indodana ehlakaniphile iyayalwa nguyise, kodwa isedeleli asilaleli lapho sikhuzwa.
2
Umuntu uyakudla okuhle okuvela emazwini akhe amahle, kepha abambuluzayo balambele ubudlova.
3
Oqaphela akushoyo ulonda impilo yakhe; uphoshozwayo uyobhubha.
4
Umphefumulo wevila uyafisa ungatholi lutho, kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakuneliswa.
5
Olungileyo uyawazonda amazwi angamanga, kodwa isikhohlakali sidala amahloni nehlazo.
6
Ukulunga kuyamlondoloza ondlela yakhe iqotho, kodwa inkohlakalo iyasibhubhisa isoni.
7
Kukhona ozishaya inkinsela kodwa engenalutho, nozishaya ompofu ebe ecebe kakhulu.
8
Inhlawulo yokuphila komuntu yingcebo yakhe, kepha ompofu akalaleli ekhuzwa.
9
Ukukhanya kwabalungileyo kukhanya bha, kepha izibani zezikhohlakali ziyacima.
10
Ukuziqhenya kudala ingxabano yodwa, kodwa kulabo abemukela ukwelulekwa kukhona ukuhlakanipha.
11
Ingcebo etholakala kalula iyancipha, kepha eqongelelwa kancane, kancane, iyanda.
12
Ithemba elingakagcwaliseki ligulisa inhliziyo; isifiso esiphumelele singumuthi wokuphila.
13
Owedelela izwi uzehlisela ukubhujiswa, kepha owesaba imiyalelo uyakuvuzwa.
14
Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila, ukuze kudedwe ezihibeni zokufa.
15
Ukuqonda kahle kuveza umusa, kepha indlela yabambuluzayo ilukhuni.
16
Bonke abahlakaniphileyo basebenza ngokwazi, kepha isiwula sisabalalisa ubuwula.
17
Isithunywa esikhohlakele siwela ebubini, kepha isigijimi esithembekileyo siletha ukuphila.
18
Ubuphofu nehlazo kukulowo owenqaba ukuyalwa, kepha oqaphela ukusolwa uyatuswa.
19
Isifiso esifezekile siyathokozisa emphefumulweni, kepha ukudeda ebubini kuyisinengiso kwabayiziwula.
20
Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha ongumngani weziwula uyolimala.
21
Ingozi ilandela izoni, kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle.
22
Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa, kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.
23
Emqathweni wabampofu kukhona ukudla okuningi, kepha kuyashabalala ngenxa yokungalungi.
24
Oyeka uswazi uyayizonda indodana yakhe, kodwa oyithandayo uyanakekela ukuba ayiyale.
25
Olungileyo udla asuthe eneliswe, kepha isisu sezikhohlakali seswele esingasuthiswa ngakho.
← Chapter 12
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 14 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31