bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Proverbs 29
Proverbs 29
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 28
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 30 →
1
Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.
2
Abantu bayathokoza ngokwanda kwabalungileyo, kodwa bayakhononda ngokubusa kwesikhohlakali.
3
Umuntu othanda ukuhlakanipha uthokozisa uyise, kepha ongumngani wezifebe usaphaza imfuyo yakhe.
4
Inkosi iyalimisa izwe layo ngobulungiswa; umuntu olithelisayo ulicekela phansi.
5
Umuntu oyenga umakhelwane wakhe wendlala inetha ezinyaweni zakhe.
6
Ugibe lusesiphambekweni somuntu omubi, kodwa olungileyo uhlabelela ngentokozo.
7
Olungileyo uyalazi ilungelo lompofu, kodwa omubi akaqondi lutho.
8
Izedeleli ziyawushisa umuzi, kodwa abalungileyo bayaludambisa ulaka.
9
Uma ohlakaniphileyo ephikisana nesiwula siyadlova, sihleke, kungabi bikho ukuthula.
10
Abantu abathanda ukuchitha igazi bayabazonda abamsulwa, kodwa abaqotho bayakuvikela ukuphila kwakhe.
11
Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso, kepha ohlakaniphileyo uyalugodla kuze kube sekugcineni.
12
Uma umbusi elalela indaba yamanga, zonke izikhulu zakhe ziyakhohlakala.
13
Ompofu nocindezelayo bayafana; nguSimakade owenza ukuba bobabili amehlo abo abone.
14
Inkosi eyehlulela abampofu ngeqiniso, isihlalo sayo sobukhosi siyakuma phakade.
15
Uswazi nokusola kunika ukuhlakanipha, kepha umntwana oyekwayo uyakuhlaza unina.
16
Lapho zanda izikhohlakali, kwanda iziphambeko, kepha abalungileyo bayakubona ukuwa kwazo.
17
Yiyale indodana yakho, khona iyokuphumuza, yebo, iwuthokozise umphefumulo wakho.
18
Lapho kungekho mbono khona, abantu baba wumhlambi kazalusile, kodwa ubusisiwe ogcina umthetho.
19
Inceku ayisolwa ngamazwi nje, ngokuba noma iqonda ayiyukulalela.
20
Uyambona umuntu oshesha ukukhuluma, ungcono umuntu oyisiwula kunaye.
21
Inceku ekhuliswa ngokutotoswa kwasebuntwaneni, isiphetho sayo siyoba sibi.
22
Umuntu onolaka udala ingxabano, nalowo onesififane ubanga ukuphambuka okukhulu.
23
Impakamo yomuntu iyomqumba phansi, kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.
24
Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe; uzwa isifungo esibi ngomunye, kepha angasidaluli.
25
Ukwesaba abantu ngukuzibekela ugibe, kepha owethemba uSimakade uyalondeka.
26
Abaningi bafuna umusa wombusi, kepha ukwehlulelwa komuntu kuvela kuSimakade.
27
Umuntu ongethembekile uyisinengiso kwabalungileyo, nohamba ngobuqotho uyisinengiso kokhohlakele.
← Chapter 28
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 30 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31